NONHLANHLA MKHABELA
U METHULI wezinhlelo zethelevishini owaduma kuYO TV uthi kwakungelona iphupho lakhe ukusebenza kuthelevishini kodwa wumsebenzi asheshe wazibona ukuthi uyakwazi ukuwenza wabe eseqhubeka ehlala kuwona.
UHulisani “CC” Ravele (26), osanda kukhuza ibuya ekwethuleni izinhlelo kuthelevishini emuva kokunyamalala iminyaka emine, uthe usekwamukele ukuthi impilo yakhe ikuthelevishini.
Le ntokazi eshiye kuYO TV ngo-2008 iqale ukwethula uhlelo olusha lwezingxoxo i- I Am South African, oludlala esiteshini sethelevishini sezindaba nezisematheni, i-ANN 7.
“Ngeke ngiqambe amanga ngithi ukusebenza kuthelevishini kwakuvele kuyiphupho lami. Wumsebenzi nje engathi uma ngiwuqala ngineminyaka engu-11 kuphela ngingakabi nanesiqiniseko sokuthi ngifuna ukuba yini empilweni kwasheshe kwacaca ukuthi ngiwenza kahle,” kusho uHulisani.
Uthe nakuba ubewuthanda umsebenzi wakhe kodwa ukhule ethanda ukungena kwezamabhizinisi njengoba akhetha nokwenza iziqu zeB Com Marketing Management aziphothule e-University of Johannesburg ngo-2008.
Ngo-2010 uthe ujoyine inkampani esebenza ngobuchwepheshe lapho ayeyi-project manager khona.
“Wumsebenzi obe yinselelo kakhulu kimina lona ikakhulukazi ngoba bese ngiphuma kuthelevishini. Kunabantu abebethi uma bengibona bangibuze ukuthi angiyona yini le ngane yakwaYO TV abanye ubabone ukuthi kabethembi ukuthi ngizowenza kahle umsebenzi wami nobekufaka ingcindezi yokuthi ngizikhandle ngokuphindiwe ukuzibonakalisa ukuthi ngiyayazi into engiyenzayo,” kuchaza uHulisani.
Uthe uyakujabulela ukubuya kuthelevishini ikakhulukazi njengoba esekhulile futhi nohlelo alwenzayo lufundisa.
“Wuhlelo oluxoxa izindaba zabantu abaningi abehlukene kusuka embonini yamabhizinisi kuya kwezobumnandi, okubalulekile wukuthi lufundise kodwa ngendlela emnandi, echazayo,” usho kanje.
Ngaphandle kohlelo lwakhe olusha, uHulisani uthe umatasatasa ngezinhlelo zakhe ezimbalwa azihlanganisela ithelevishini njengoba enenkampani yakhe yokudidiyela izinhlelo.
“Kunolunye nje oluzobonakala kungekudala kuthelevishini kodwa angifuni ukungena kakhulu emininingwaneni ngoba kusekhona okunye okungaqinisekisiwe,” usho kanje.
Uthe inkampani yakhe yokudidiyela ayiqambe ngokuthi yiTshimbiluni Productions uyiqale ngo-2011.
“Ngiyiqambe ngegama likamama kanti leli gama lichaza into oyizwa ngaphakathi enhliziyweni nokuyindlela engiwenza ngayo umsebenzi wami,” kuphetha uHulisani.