FANELESIBONGE BENGU
UDEDELWE ngesixwayiso eNkantolo yeMantshi eThekwini uDJ wakuleli dolobha ontshontshe iwayini esitolo kwaSpar, emgwaqweni u-Avondale, ngeSonto. Inkantolo imdonse ngendlebe ngokuthi angaphinde atholakale enze okufanayo.
UPhilani “DJ Twitty” Khuzwayo (34) uvele kafushane enkantolo lapho efike wangachitha sikhathi walivuma icala lokweba. Ngokobufakazi obusenkantolo, uTwitty, owazakhela udumo esaqopha enkampanini kaDJ Tira i-Afrotainment, webe ibhodlela lewayini elibiza u-R93.99.
UMshushisi uNkk Casool ucele iMantshi uHadebe ukuba ithambise isigwebo odabeni lwalo DJ, obengaphandle ngebheyili ka-R500, ukuze angaphinde antshontshe.
“Akazange asichithe isikhathi senkantolo (ngokusheshe avume icala) lokhu kuyizimpawu zokuthi uyazisola,” kusho uCasool.
UTwitty, obegqoke ijakhethi ye-denim nebhulukwe elifanayo namateki abomvu, uthe akashadelwe futhi unengane eneminyaka emihlanu.
Uthe ngeke akwazi ukukhokha inhlawulo.
IMantshi ibe isimdonsa ngendlebe ithi angaphinde athathe ngozwane maqede wakhululwa.
“Ngiyabonga kakhulu,” kusho uTwitty ngomoya ophansi ngaphambi kokuphuma ebhokisini labasolwa.
Ngaphandle kwenkantolo lo DJ okulezi zinsuku uphusha ingoma ethi Phakama, utshele Isolezwe ukuthi uthathe leli wayini edlala.
“Besiphuma ekilabhini ebengidlala kuyo nabangani bami ngeSonto ekuseni.
“Bathe asingayi kolala ngoba bahalela iwayini. Sibe sesiya eSpar kuFlorida Road lapho besitshele khona ukuthi ngeke basidayisele iwayini engakashayi u-10,” kusho uTwitty.
Uthe badlulele kuSpar osemgaqweni u-Avondale nalapho abafike khona batshelwa into efanayo.
“Usisi obeshaya ithili ngiyamazi ngimncengile wabe esethi angilinde kancane ngoba u-10 usuzoshaya. Ngivele ngasuka ngayophuma nalo iwayini ngingalifihlile futhi ngihleka ngayongena emotweni sahlala khona. Omunye ebesihamba naye uvele walivula ngingakasho ukuthi alikhokheliwe. Imenenja yesitolo iphumile ithi izolilanda yalifica selivuliwe yabe isibiza amaphoyisa,” kusho uTwitty.