NONTUTHUKO NGUBANE
U ZIHAMBELA yedwa umsakazi osemncane kuMgungundlovu FM owafika ezofunda izindaba wagcina esebambe uhlelo lomculo.
Umsakazi woMgungundlovu FM, uSwelihle “DJ King Sweswe” Nzama (23), uthi ayikho into ebaluleke njengokuthi uma ungumsakazi wenze isiqiniseko sokuthi abalaleli bohlelo lwakho bande usuku nosuku uma usemoyeni.
UDJ Sweswe usakaza uhlelo i Mad House okunguhlelo lomculo wekwaito ne-house oluba sebusuku kusukela ngo-8.30 kuya ku-11, ngoLwesihlanu.
Lo msakazi osemncane kepha onentshisekelo uqale ukuzwakala kulo msakazo ngo-2012 esangumfundi wezindaba.
Ngaleso sikhathi ubengumfundi wase-Icesa, enza izifundo zobuntatheli. Uthi ukhule engahlukani nomsakazo njengoba ubelalela abantu abafana noKhetha Gwala noDJ Sbu.
“Bekuhlezi kuyiphupho lami ukusebenza emsakazweni. Okujabulisayo ngalo msebenzi wukuthi kuba sengathi uyangcebeleka noma wenza umdlalo owukhonzile. Ngokwami ngifisa ukukhula ngize ngifike ezingeni lokuya kweminye imisakazo efana neGagasi noKhozi FM,” kusho uDJ Sweswe.
Lo msakazi ukhulele eNdwedwe esigodini sakwaWosiyane wasuka khona wafudukela eMgungundlovu ngo-2005.
Uqede u-matric eNorthbury Park Secondary ngo-2009.
Uthi ukuba semsakazweni kuyinto abehlale eyifisa kanti ithuba alinikwe wumphathi siteshi womsakazo Umgungundlovu FM, uMuzi Sibiya, ulibonga kakhulu nathe kumele aliphathe njengezikhali zamantungwa.
Uphinde wancoma izeluleko zokusebenza azithola kuyena uSibiya.
USibiya uthe uyaziqhenya ngalo msakazi owaqala ebambele omunye umsakazi, wavele walwenza kwaba ngolwakhe.
“Lolu hlelo lwasungulwa nguNdaba kaNgwane, kuthe sesibona ukuthi uxakwe imisebenzi eminingi ebheke yena samnikeza ikhefu.
“UDJ Sweswe ubefunda izindaba, ngenxa yokubona ukukhuthala kwakhe nokuzimisela kwezokusakaza sabe sesimnikeza ithuba lokubamba lolu hlelo. Kusukela lapho uhlelo uluthathe waluyisa kwelinye izinga nokuyinto esithokozisayo,” kusho uSibiya.
UNdaba kaNgwane bekungakacaci ukuthi uzobuya nini kulolu hlelo kwazise umatasa nenhlolokhono yefilimu yakhe entsha i Duma.
Kulo nyaka uDJ Sweswe uthe unesifiso ukubona ekhulisa lolu hlelo lwakhe kanjalo nabalaleli.
“Ngizimisele ukuyisa lolu hlelo kwelinye izinga, ngifuna uma abalaleli belulalele kube khona okusha abazokuthola kulo nokuzokwenza ngcono impilo yabo. Ngibukela kubantu abafana no-Euphonik we-5FM owenza uhlelo olufana nolwami,” kusho lo msakazi othi uthanda ukuzihlalela nabangani bakhe balalele umculo we-house ne-hip hop.