MHLENGI SHANGASE
USIHLALO we-ANC esifundeni iMoses Mabhida, uMnuz Mthandeni Dlungwane uthi akukho zinguquko ezizobakhona kuMasipala waseMsunduzi kulandela ukukhethwa kwakhe.
UDlungwane uthe kungamampunge ukuthi kuzokhishwa imeya ekhona kuMasipala waseMsunduzi uMnuz Chris Ndlela bese kungena yena.
“Kungamampunge ukuthi kukhona izinguquko ezizobakhona kulandela ukukhethwa kwami ukuba nguSihlalo we-ANC eMoses Mabhida. Akukho shintsho oluzoba khona futhi uNdlela uyiPhini likaSihlalo eMoses Mabhida,” kusho uDlungwane.
UDlungwane ukhethelwe kulesi sikhundla engqungqutheni ebingempelasonto. Lesi yisifunda sesibili ngobukhulu se-ANC esifundazweni.
Uthe uzoqhubeka nokuba yilungu lesiShayamthetho okuyilapho ejutshwe khona yi-ANC.
“UNobhala we-ANC esifundazweni uSuper Zuma ubenguSihlalo we-ANC kulesi sifunda esesiShayamthetho engeyona imeya. Nami ngisajutshwe esiShayamthetho lapho ngiqhubeka nomsebenzi engiwuthunywe yi-ANC,” usho kanje.
UDlungwane oke waba nguSihlalo we-ANC Youth League esifundazweni uke waba yiPhini likaSihlalo we-ANC eMoses Mabhida ngaphambi kokujutshwa ukuthi abe yilungu lesigungu esiphezulu se-ANC ngo-2012.
Uthe izinto eziseqhulwini azozenza ngukufuqa ingqalasizinda kulesi sifunda esinezindawo eziningi ezisemakhaya.
“Okokuqala sizoqinisekisa ukuthi izinqumo zengqungquthela ziyafezeka. I-ANC inemigomo emihle kodwa okuba yinkinga wukuqinisekisa ukuthi iyenzeka. Le migomo kumele siqinisekise ukuthi iyafinyelela kubantu abasikhethile okungenye yezinto esizoyenza,” kusho uDlungwane.
Uthe indaba yomnotho osezandleni zabambalwa nenkululeko yezomnotho ngenye yezinto eziseqhulwini okumele baqinisekise ukuthi ziyenzeka.
“Izidingo-ngqangi ziyagqoza emphakathini, njengomuntu okhulele emakhaya kwaNxamalala ngikwazi kahle ukudla uphuthu olufakwe ushukela. Yingakho sizoqinisekisa ukuthi siyibeka phambili eyentuthuko sisebenzisana nomasipala njengoba izindawo esikuzona okubalwa kwaSwayimane, Impendle nezinye zisemakhaya.”
UDlungwane uphothule umatric eMthokotho High, wenza iziqu zeMasters kwi-Geographical Sciences e-UKZN.
Yize engafunanga ukudalula iminyaka yakhe, uthe kodwa akakafiki eminyakeni engu-40.
Ubalule nokuthi abanye abaholi be-ANC abahlonishwayo baqokelwa ezikhundleni eziphezulu zokuhola besebancane ukutshengisa ukuthi umzabalazo awuliwa kuphela abantu abadala.
Kule ngqungquthela kukhethwe ngokungaphikiswa noNksz Thobekile Maphumulo ekubeni iPhini likaNobhala, uNksz Nokuthula Mdunge yena ukhethwe ukuba ilungu lesigungu salesi sifunda.