NONTUTHUKO NGUBANE
UGOGO oneminyaka engu-60 ukhala ngobudedengu babasebenzi basemtholampilo abamnikeze amaphilisi okuthithibalisa ingculazi ama-ARV’s esikhundleni samaphilisi esifo somfutho wegazi (BP) nawamathambo.
Ugogo, igama lakhe eligodliwe ukumvikela, kuthiwa ugulile kwaba sengathi uphambanelwa yikhanda kulandela ukuphuza la maphilisi, alandwe yindodana yakhe emtholampilo waseMambedwini, KwaSwayimane.
Emuva kokusebenzisa amaphilisi ugogo kuthiwa wazwakala ememeza omakhelwane ekhala ngokuthi ubona indlu sengathi iyamcindezela.
Sekubhekisiswa kutholakale ukuthi uphuze amaphilisi angafanele.
Ekhuluma ne Solezwe ugogo uthe wayengakwazi ukuya emtholampilo wathumela indodana yakhe nekhadi lakhe lokulanda amaphilisi elichaza konke kwazise ujwayele ukulanda amaphilisi akhe kulo mtholampilo.
“Indodana yami yabuya namaphilisi iwanikwe abasebenzi bakulo mtholampilo. Ngamangala ngoba ngangingawajwayele abuya nawo kodwa wathi umhlengikazi uthe yiwona okumele ngiwaphuze. Ngiphuze amabili ngoba bekungabhaliwe ngaphandle ukuthi aphuzwa kanjani. Ngibone emakhulu kunalawo amahlanu engiwajwayele. Emuva kwalokhu kube sengathi ngihanjelwa ingqondo. Ngibone indlu sengathi iyawa, ngabona abantu sengathi bayakikiza lapho ingqondo ibisihambile ngamemeza omakhelwane ukuba bangisize. Bafike bangitshela ukuthi ngiphuze amaphilisi okungewona,” kusho ugogo.
Lesi saguga kuthiwa sithumele izingane zaso nabanye omakhelwane ukuyolungisa leli phutha emtholampilo kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
“Bese ngigula ngingakwazi nokuhamba ngiphelelwe amandla. Umzimba ubuqhaqhazela ngivuvukele umzimba wonke, ngisola ukuthi kweziwe wukuphuza amaphilisi angafanele. Abasebenzi bakulo mtholampilo bangenzele phansi njengoba namanje ngingazizwa kahle,” kusho ugogo.
Yize egcine ewatholile amaphilisi afanele kepha uthi namanje akazizwa kahle.
Isolezwe lihabule ukuthi ajwayelekile amaphutha okunikezwa kweziguli amaphilisi angafanele kulo mtholampilo.
Omunye womakhelwane ocele ukungadalulwa osaba ukucwaswa ngoba ujwayele ukuya kulo mtholampilo uthe abasebenza kuwona babudedengu.
“Akukhona okokuqala ukuba kube nephutha elinjena kulowaya mtholampilo. Okubuhlungu abahlengikazi abanaki. Ngesikhathi sizama ukushintshela ugogo amaphilisi kufike omunye obekhala ngokuthi bamnikeze ama-ARV’s angafanele. Izikhathi eziningi kukhona abantu abangakwazi ukufunda ngakho uma benikezwa amaphilisi bahamba nawo baye ekhaya bayowaphuza ngendlela abasuke betshelwe ngayo. Kwesinye isikhathi akubhalwa nangaphandle ukuthi aphuzwa kanjani amaphilisi,” kusho umakhelwane.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal uMnuz Sam Mkhwanazi uthe: “UMnyango uyazi ngalolu daba futhi uyaxolisa ngokuthiwa kwenzekile. UMnyango uzokwenza uphenyo. Uma kutholakala ukuthi kukhona obe budedengu uzothathelwa izinyathelo zokuqondiswa kobugwegwe.”