MTHOKOZISI MNCUSENI
USAQHUBEKA nokupheka ethulula ngenhloso yokuphuma nenqanawe yesikimu umqeqeshi weCell C Sharks, uGary Gold owenze izinguquko ezimbili eqenjini azobhekana ngalo neVodacom Bulls.
Lo mdlalo weVodacom Super Rugby ukusasa ngo-5.05pm eLoftus Stadium, ePitoli.
Kusukela efikile kuSharks ulokhu esishintshe njalo isikimu uGold kodwa kwesinye isikhathi ubuye aphazanyiswe ukulimala kwabadlali abamqoka njengoba kwenzekile koTendai “Beast” Mtawarira emdlalweni wokuqala.
Kubadlali abebesenkundleni iSharks inqoba ngo 29-12 ku-Emirates Lions babili kuphela abazoqala oweBulls abebengekho eGrowthPoint Kings Park, ngempelasonto edlule. Laba ngo-Andre Esterhuizen, osemncane futhi owondlekile, noRyan Kankowski ongumdlali omdala weSharks kodwa okade edlala eJapan wabuyiswa.
Nakuba kujabulisa ukubonakala kuka-Esterhuizen kubathandi beSharks ngomfutho azoza nawo maphakathi nenkundla kodwa kungenzeka lo mdlali ashenxe ngelizayo uma Oshaka sebebhekene neDHL Stormers eKapa ngoba kuzobe sekufike uFrancois Steyn naye obuya eJapan. UKankowski ungene endaweni kaTera Mtembu.
“Okwami ukuphuma nesikimu esiqinile ngaso sonke isikhathi. Ngihlale njalo ngibeka phambili okuzosenza sinqobe. Sidlala neqembu okungadingi ukuchazwa ukuthi linzima kangakanani ikakhulukazi ekhaya. Sizimisele ngokubuya nomphumela ovuna thina,” usho kanje uGold.
Isiyonke imidlalo yeVodacom Super Rugby kule mpelasonto imi kanje:
Namuhla:
Highlanders vs Reds (Forsyth Barr, 8.35am); Force vs Hurricanes (nib Stadium, 1pm); Cheetahs vs Blues (Free State Stadium, 7.10pm).
Kusasa:
Chiefs vs Crusaders (Waikato Stadium, 8.35am); Rebels vs Brumbies (AAMI Park, 10.40am); Bulls vs Sharks (Loftus Versfeld, 5.05pm); Lions vs Stormers (Emirates Airlines Park, 7.10).