ZANELE MTHETHWA
LIFEZEKILE iphupho lokuxhumana nezigidi zabalaleli kumsakazi obesakaza uhlelo lwezingane esiteshini somsakazo Inanda FM, osejoyine Ukhozi FM.
UBoniswa Moto (21), odabuka eMzimkhulu, uqale ukuzwakala oKhozini ngoLwesithathu ngo-3.30 ohlelweni i Teen Zone olungena imizuzu engu-30 ohlelweni lwantambama olwethulwa uTshathugodo noSelby Mkhize.
Lolu hlelo belwethulwa nguNomfundo Mkhize osenikezwe olunye uhlelo.
UBoniswa owenza unyaka wesithathu ezifundweni zomthetho e-University of KwaZulu-Natal, uthi ubeqala ukuba umsakazi kwiNanda FM ngenhloso yokuthola ukuqeqeshwa ukuze angene emisakazweni emikhulu.
“Ngokwemfundo ngiyazithanda izifundo zomthetho kodwa bengivele nginothando lokusakaza. Ngatshelwa ukuthi ukuzicabela indlela kumele ngiqale emisakazweni yomphakathi. Umngani wami wancoma Inanda FM okuthe uma ngiyilalela ngayithanda,” kusho yena.
Ngo-2013 wafaka isicelo sokunikwa ithuba lokusakaza kwiNanda FM, wahambisa ne-demo. Isicelo sakhe sezwakala njengoba aqala khona ngo-Okthoba ngawo u-2013 wethula uhlelo luka-3 ekuseni ngoMgqibelo nangeSonto izinyanga ezintathu. NgoJanuwari wonyaka odlule waqala ukwethula i Kiddies Corner ngoMgqibelo ne Teen Expression ngeSonto.
Zombili lezi zinhlelo uthi bezimxhumanisa nezingane nentsha (ama-teenager) lapho bekudingidwa ngezindaba eziningi ezithinta zona.
Nakulona uhlelo asengene kulo oKhozini, usazokwenza okufanayo yize ejatshuliswa ukuthi usezoxhumana nezigidi.
“Inhloso yami ukuthuthukisa nokufaka ugqozi izingane ezisezindaweni ezisemakhaya. Nami ngikhulele emakhaya futhi ngiyabazi ubunzima bakhona. Ngifuna ukugqugquzela ukuthi indawo ophuma kuyo ayisho lutho kodwa ungakwazi ukufeza amaphupho,” usho kanje.
Mayelana nomsebenzi omusha uthi watshelwa ukuthi kuzodingeka ozovala isikhala sikaNomfundo, wabizwa ukuzokwenza inhlolokhono nabanye abebezama inhlanhla.
NgoJulayi waqashwa ngokusemthethweni kodwa waqhubeka kwiNanda FM njengesivumelwano senkontileka ayisayina.
Ohlelweni i Teen Zone uthi bakhuluma nabaneminyaka ephakathi kuka-13 no-21 athi ubaqonda kangcono. Basizana nomdidiyeli wohlelo ukukhetha izihloko nezimenywa ezizoba sohlelweni.
UBoniswa uthi ukusakazela isiteshi esikhulu ngeke kumphazamise enyuvesi futhi uzozithola iziqu.
“Uhlelo engilwenza oKhozini lungaphansi kwe-SABC Education ebeka imfundo phambili. Ngizoyithola i-degree yami kodwa angifuni ukuba ummeli wasezinkantolo. Kuningi engingakwenza ngezomthetho,” kusho yena.
Ubonga abamqeqeshile kwiNanda FM uNksz Thandeka Msane umphathi-siteshi noVictor Rose Jnr owayengumphathi wezinhlelo osekwiGagasi FM.