INTATHELI YESOLEZWE
I NKINGA yezikweletu yinto ehlasele abantu abaningi bakuleli kanti abanye ziyime emthumeni ngokuthi kumele baphume kanjani kulolu bishi.
UMmarona Kgwele uwusizo kulaba bantu ngohlelo lwakhe i Rands With Sense oludlala ku-SABC 2, njalo ngoMsombuluko ngo-12 emini.
Lolu hlelo lugxile ekusizeni abantu osekunzima nokuphila ngenxa yokuxinwa yizikweletu.
“I Rands With Sense iyingxenye yezinhlelo zophiko lwe-SABC Education olufundisa abantu baseNingizimu Afrika ukukwazi ukonga nokuphatha kahle imali.
“Isiza abantu ukuba bakwazi ukubhekana nokuqeda izikweletu abazakhayo. Inikeza namathiphu okuthi yiziphi izindlela ongasebenzisa ngayo imali ube ungayimoshi. Uhlelo ludinga izihloko ngezimali ezizosiza abantu abajwayelekile baseNingizimu Afrika, lubahlomisa nangolwazi ngamalungelo abavikelayo njengabathengi (Consumer Protection Rights). Ongoti baphinde basize nabantu abafuna ukuqhubeka nemfundo, ukuthola umsebenzi nokuvula amathuba awo nokuthi basebenzise imali ngobuhlakani,” kuchaza uMmarona.
UMmarona akaqali ngalolu hlelo ukubonakala kuthelevishini, wadonsa amehlo abaningi ngenkathi elingisa ku Generations indawo yentombi kaMJ eyayixaka umndeni kaMJ ngemigilingwane yayo yokuba yi-goth.
Uphinde adlale nakwi Task Force okuwumdlalo waku-SABC 1 lapho edlala khona indawo kaSandy kanti kwi Sticks And Stones ulingisa indawo yesikhulu se-Amanda Construction.
Yize ematasa ngezinhlelo zethelevishini kepha uthi iphupho lakhe ngukuba ngusomabhizinisi okhaliphile kanti useqalile ukuzicija ne-Itshepeng Mentoring and Projects okuyinhlangano ayisungula ukuthuthukisa intsha.
Uthi lolu hlelo alushayelayo luphinde luveze ukuthi izikhungo eziphathelene nezibolekisa ngezezimali zisebenza kanjani.
“Sifundisa abantu ukuthi bangasebenzisi imali budedengu nangokuxhamazela kepha babe nohlahlo-mali futhi baphile impilo ehambisana namandla abo. Inhloso yethu ngukufundisa abantu ukonga kakhulu basebenzise kancane imali,” kuphetha uMmarona.