FANELESIBONGE BENGU
U KHUZA ibuya ekulingiseni uWinnie Ntshaba ongomunye wabalingisi abangu-16 abaxoshwa emdlalweni wakuSABC 1, i Generations, ngonyaka odlule.
UWinnie, owayedlala indawo kaKhethiwe ku Generations, usejoyine umdlalo owuchungechunge wakuMzansi Magic (DStv channel 161), Isibaya.
U-Emmah Ngomane okhulumela umdlalo ukuqinisekisile ukuthi usejoyinile wathi uzodlala indawo yokuba ngungqongqoshe.
“Bengingakayitholi imininingwane ephelele ngendawo ayidlalayo,” kusho u-Emmah.
Lo mlingisi ubengakaze abonakale ndawo selokhu axoshwa ku Generations. Umsunguli we Generations uMfundi Vundla wabaxosha ngemuva kokunqaba ukubuyela emsebenzeni betelekele amaholo angcono. Ayelingisa nabo okubalwa kubona uMenzi Ngubane, Katlego Danke, Anga Makubalo noNambitha Mpumlwana sebajoyina izinhlelo ezahlukene ku-e.tv.
Umthombo we Solezwe ongaphakathi kwi Sibaya uthe uWinnie utheleke lapho beqopha khona ngeledlule bengazelele.
“Ngesikhathi efika uthathwe wuMkabayi (Thembi Nyandeni) ehamba emethula kithina wamkhombisa nendlu esiqophela kuyona. Umkhombise nendawo yokubeka izimpahla wathi kodwa kuzomele azitholele ingidi,” kusho umthombo ongavumelekile ukukhuluma nabezindaba.
Kuvele ukuthi kunabalingisi abathathu abasha abazobonakala maduze nje.
“Kukhona indawo kaNomcebo okungunina kaSbu (Sdumo Mtshali) ozolokhu efika ngamaphupho kuThandeka (Nomzamo Mbatha). Kuzoze kube sengathi uyahlanya uThandeka ngoba uzobe embona yedwa abanye bengamboni. Enye indawo ekhona ngeka-UT ozofika asebenze endaweni yokucima ukoma ka-Iris (Mampho Brescia). Njengoba kukhulunywa indaba yomgwaqo nje manje emdlalweni uKhethiwe uzobe edlala indawo kaNgqongqoshe wezokuThutha,” kusho umthombo.
UWinnie ebuzwa ngokujoyina kwakhe umdlalo uthe: “Amahemuhemu lawo.”
Ngasekuqaleni konyaka uWinnie wathi nakanjani uyabuyela kwithelevishini ngoba uyakuthanda ukulingisa.
Ngaphandle kokulingisa uWinnie ubuye abe ngumhleli wamaRoyalty Soapie Awards okuyimiklomelo okuhlonishwa kuyona abavelele emidlalweni ewuchungechunge.