LUNGILE MAJOKA
ISILOMO somdlali weBanyana Banyana u-Amanda Dlamini asikwexwayi ukudlala kumqeqeshi omusha weqembu lesizwe, uVera Pauw, olandelwe ukukhuphula iqembu lesizwe labesifazane alifake ezingeni lomhlaba.
UDlamini ungene esuka ebhentshini iBanyana idlala owobungani neZimbabwe ngempelasonto washaya igoli lokulinganisa umdlalo waphela ngo 2-2. Lona bekuwumdlalo wokuqala uPauw ebambe izintambo kanti ubesehlale nabadlali amasonto amabili ekhempini.
UDlamini obengukaputeni weBanyana phambilini uthe lukhulu abazolufunda kulo mqeqeshi odabuka eHolland.
“Engikubonile kuyena wukuthi ungumuntu othanda kulandelwe umthetho futhi ugqugquzela ukuhloniphana phakathi kwabadlali nabaqeqeshi. Okubalulekile asitshele khona wukuthi ufuna ukusibona siyimbumba kungabikhona umdlali ofuna ukugqama yedwa. Mhlawumbe okungathatha isikhathi wukuthi kube khona ushintsho ngezindawo ezidlalwa ngabadlali. Uyakugqugquzela ukuthi ungagculiseki ngendawo eyodwa enkundleni kodwa ube ngumshini ozishintshayo,” kusho uDlamini.
Yize uDlamini engomunye wabadlali abanemidlalo engaphezulu kuka-50 eqenjini lesizwe kodwa bonke abadlali basalwela ukudonsa amehlo omqeqeshi omusha.
Kungekudala, uPauw kuzomele abize iqembu elizodlala owokuhlungela i-African Women Championship (AWC) neComoros ngenyanga ezayo.
I-AWC iseNamibia ngo-Okthoba, uma iBanyana inqoba iComoros izodlala kulo mqhudelwano ozobe ungowokuhlungela iNdebe yoMhlaba eseCanada ngonyaka ozayo. Amaqembu amathathu azokwenza kahle azomela i-Afrika eCanada. Emqhudelwaneni odlule we-AWC iBanyana yahlulwa yi-Equatorial Guinea kowamanqamu.
“Engikuthandayo ngaye ukuthi uyakutshela uma kukhona lapho ungenzi kahle khona. Uze lapha azi ukuthi izinga lethu alikho kwalijwayele kodwa okubalulekile wukusebenze nganakho,” kusho uDlamini ozothola iziqu zakhe kuRoad Transport Management e-University of Johannesburg ngenyanga ezayo.