INTATHELI YESOLEZWE
UCWANINGO luveza ukuthi izingane zamantombazane ezintulayo ziphutha esikoleni izinsuku ezine kuya kwezinhlanu ngenyanga ngenxa yokushoda kwemali yokuthenga ama-pad uma zisesikhathini.
Inkampani iProcter and Gamble (P&G) ngeledlule inikele ngama-pad kubafundi baseBhevu High, eMnambithi.
Lokhu kuyingxenye yomkhankaso we-Always Keeping Girls In School owenziwe ngokuhlanganyela noMnyango wabesifazane ukunqanda ukuphutha kwamantombazane.
Amantombazane kuthiwa aphutha ngoba engaqondi ngokungena kulesi sigaba, amanye agcina eyeke nesikole.
UNksz Nqobile Ngema, ongunesi osemkhakheni wokukhula kwamantombazane, ubengomunye wabahambele kulesi sikole.
Uchazele abafundi ngalesi sigaba sokukhula.
Ubakhuthaze ngokuthi bangayeki ukuza esikoleni yize benezinselelo.
Ufundise amantombazane indlela yokuziphatha uma engena kulesi sigaba noma esesikhathini.
Uveze ukuthi izinselelo amantombazane abhekana nazo kulesi sigaba wukujola nokungalulekwa ngezocansi.
Lo mkhankaso ohlanganise nabenkampani ekhiqiza ama-pad i-Always, kuthiwa usuwenze umehluko omkhulu empilweni yamantombazane asemakhaya.
U-Andile Gaelisiwe, ongumethuli wohlelo i Khumbulekhaya kuthelevishini, ubengomunye wabavakashele amantombazane bezowaluleka.
Ukhulume nawo ngezinye izinkinga naye adlule kuzo kulesi sigaba waphinde wakhuthaza abafundi ukuthi bangadikibali bayeke isikole ngenxa yokuntula.
UNkk Gugu Ntshangase, onguthishanhloko, uthe omunye umfundi wabo uZamantungwa Khumalo wabhalela abakwa-Always ecela ukuthi babanikelele ngama-pad.
“Wabhala washo ukuthi abanye abafundi bayeka isikole abanye bafeyile ngoba bengakwazi ukuza esikoleni uma besesikhathini. Siyakujabulela ukuthi sesithole uxhaso iminyaka emine kulo mkhankaso. Abafundi bethu sebekwazi ukufunda bekhululekile bengalokhu bezihlupha ngokuthi bazokwenzanjani uma bengena esikhathini. Siyathemba nezeluleko abazitholile zizokwenza lehle izinga lokuphutha esikoleni,” kusho yena.
UNksz Thando Mazibuko, oyiCommunications Manager kwaP&G, uthe inhloso yalo mkhankaso wukushintsha impilo yezingane emphakathini.
“Sifuna ukulekelela ekukhuliseni izingane zamantombazane ukuze ziphumelele. Siyakholwa wukuthi lo mkhankaso uwusizo ngoba asigcini ngokunikeza ama-pad kodwa siphinde siqinisekise ekutheni abafundi bagxila ezifundweni ukuze bafeze amaphupho abo ekusasa,” usho kanje.