CELANI SIKHAKHANE
USOMABHIZINISI obengena ephuma kwezepolitiki uMnuz Kenny Kunene uthi akazisoli nakancane ngokushiya i-Economic Freedom Fighters (EFF) ngoba wayengeke akumele ukuphenduka ihlaya ngezinto azibona zenziwa yileli qembu ePhalamende.
UKunene ukusho lokhu ekhuluma ne Solezwe ephawula ngesinqumo sakhe sokushiya kwezepolitiki ukuze agxile empilweni yobumnandi namabhizinisi.
“Ngangingeke ngikumele ukufana nengane yesikole ePhalamende ngenze lezi zinto ezenziwa yi-EFF ngibange umsindo ngihlekwe abantu. Ukuyishiya i-EFF kwabayisinqumo engingazisoli nakancane ngaso ngoba ngangingayile vele ukuyozinza khona kodwa ngangidlula,” kusho uKunene.
Ubuye waphawula ngokushiya kwakhe iqembu abalisungule nomngani wakhe uMnuz Gayton McKenzie okuyiPatriotic Alliance eshawe yanaba okhethweni ayangathola ngisho isihlalo esisodwa ePhalamende.
“Empeleni ngiphume ngiphelile kwezombusazwe ngeke ngisabonakala ngizihlanganisa namaqembu ngoba ngiqedile ngepolitiki ngakufeza ebengizihlelele khona. Ngesikhathi ngisasejele ngabatshela engangiboshwe nabo ukuthi ngifuna uma ngiphuma ngiyihlole yonke impilo yangaphandle kusuka kwezobumnandi kuze kuyoba kwezepolitiki.
Lokho sengikwenzile sengiyizwile impilo nxa zonke ngakho sekuyisikhathi sokuthi ngibuyele kule mpilo engiyithandayo yobumnandi ngigxile kuyo ngikhohlwe ipolitiki ngoba sengiqedile ngayo,” kusho uKunene.