U MLINGISI obuye abe ngumculi osezakhele udumo kwi Sidingo, uthe ayikho into ebaluleke njengokuzazi uma ungumuntu uphila.
UMotlatsi Mafatshe (33) odlala indawo kaSechaba Moloi Matabane kulo mdlalo owuchungechunge ku-SABC 3, uphinde wathi kubalulekile ukuya esontweni ngoba kuningi okuthola khona.
USIZWE BLOSE uxoxe nalo mlingisi ozalelwe waphinde wakhulela eZola, eSoweto.
NGAPHAMBI kokuthi siqale le ngxoxo uMotlatsi uthe umyalezo wokuqala afuna ukuwudlulisa kubalandeli bakhe nabe Sidingo, wukuthi ucela bamvotele kumaRoyalty Soapie Awards azoba se-ICC ngoMashi 28 njengoba engomunye wabalingisi abaqokiwe. “Ngiyazicelela bandla amavoti. Kade kwakuwina abantu asebekhulile kulezi zinto ngicabanga ukuthi yisikhathi manje sokuthi kunikwe ithuba nabantu abasha,” kusho uMotlatsi.
Uthe angakuthokozela kakhulu ukuwina indondo kanti uzizwa ehlonipheke kakhulu ngokuqokwa nezinkakha zabalingisi ezinjengoVusi Kunene.
“Lokhu kuchaza ukuthi kukhona okuhle engikwenzayo endimeni yezokulingisa kodwa okuhle kakhulu wukuthi abantu bayayibona imisebenzi.”
Uthe uzibona njengomuntu oyisibonelo esihle entsheni njengoba engatholakali enza izinto ezizogcina zimkhipha kambi emaphepheni.
“Okunye okusiza kakhulu ngukuzihlonipha nokuziphatha kahle. Kunabantu abazi ukuthi uma ungusaziwayo kusho ukuthi sekumele ube nezintombi, uphuze utshwala wenze zonke izinto eziphambene kanti akunjalo,” kusho uMotlatsi.
Uthe lokhu akushoyo akuchazi ukuthi akabonakali ezindaweni zobumnandi kodwa into ayaye ayibeke phambili ngukuzihlonipha. Udalule ukuthi usanda kushadelwa kanti uNkulunkulu usababusise ngengane eyodwa benonkosikazi wakhe.
Uthe zamthokozisa kakhulu izindaba ezaphuma kwiphephandaba elinguzakwabo we Solezwe, i The Star elambalula nabanye babantu abakwiTop 100 abathandwayo ngo-2007 kubalwa nongasekho owaba ngumengameli wokuqala omnyama waseNingizimu Afrika uMnuz Nelson Mandela.
Okunye akushilo wukuthi uphinde abhale umculo kanti uneqembu elibizwa ngeMo & The Dark Knights elike lavulela umculi waphesheya esiteji, u-Usher Raymonds, ngesikhathi enamakhonsathi kuleli ngo-2012.
Uthe uqede u-matric wabe esefundela ukushayela amabhanoyi ngosizo lwabaxhasi kwazise uphuma emndenini ongamile kahle kwezezimali.
“Ngigcine ngiziyeka lezi zifundo zamabhanoyi ngangena e-AFDA (isikhungo sezobuciko) ngenza izifundo zeMotion Picture & Life Perfomance, yingakho namhlanje ngikwi Sidingo,” kuchaza uSechaba.
Uthe uselingise emidlalweni eminingi kakhulu okungabalwa kuyona i Hhola Mpintshi, Masote, Wild At Heart, Stokvel, Gugu No-Andile, Mthunzini.com, Brothers In Arms ne Home Affairs 2.