CELANI SIKHAKHANE
UMHOLI webandla lamaNazaretha eBuhleni, uMnuz Mduduzi “Nyazilwezulu” Shembe, uyavutha ngalabo abagxeka ukwakhiwa kwesigodlo seSilo Samabandla esiseBuhleni nabasisola ngokuchema nalo uNyazi ngoba bekhala ngokuthi lokhu kuzobeka isithombe sokuthi yilo oluyinkosi esemthethweni ekubeni kusenecala enkantolo.
Lokhu kugqame ngesikhathi kunenkonzo yebandla lakwaShembe ebisesigodlweni seSilo esikwaNongoma eNyokeni, lapho bekukhulekelwa khona uMkhosi woSelwa ozoba ngoDisemba.
Bekungokokuqala ukuthi uNyazi luphawule ngalolu daba selokhu lwabikwa ezinyangeni ezedlule lapho abaseThembezinhle abaholwa nguMnuz Vela “Msebeyelanga” Shembe bakhononda ngeSilo bethi ukuhambela kwaso eBuhleni ekubeni kusenecala lombango eliqhubekayo kwenza kube nesithombe sokuthi uNyazi yilo oluyinkosi ngokusemthe-thweni.
Babekhala nangokuthi bekungamele iSilo sisivume isigodlo esakhiwe ngabaseBuhleni abasenzele iNgonyama ngoba bethi konke lokhu kudukisa isizwe.
“Yicala likabani uma sihambele eBuhleni ngoba phela kunesigodlo saso? Uma esefikile kulesi sigodlo esethanda ukulula izinyawo avakashele ekhaya ngoba kukubo ngabe nalapho yicala yini? Ngakithi (eThekwini) asikho isigodlo seSilo, yingakho singamaNazaretha amahle sisakhile isigodlo seSilo. Ngabe yicala likabani uma mina ngizokhuleka eSilweni? Inkinga kuvele kukhulume abantu abangazi lutho,” kusho uNyazi obelunanelwa ngo-Amen omkhulu enkundleni obekukhonzelwa kuyo.
AbaseThembezinhle babuye bakhala nangoNgqongqoshe wamaPhoyisa uNathi Nhleko bethi kuyadumaza ukuthi ubonakala ephambili ezintweni zaseBuhleni ngoba lokhu kuzombeka njengomuntu ochemile nobeka engcupheni umsebenzi wamaPhoyisa asuke eqaphe icala lakwaShembe.
Selokhu bakhuluma kanje bekungakaze kuzwakale lutho okushiwo uNyazi kodwa ngesikhathi kuqhubeka inkonzo yezinsuku ezimbili evalwe izolo, eNyokeni, lukhulume okuningi okungaluphathi kahle.
Belwethula inkulumo yalo ebihambisana nentshumayelo egunjini elingumahamba nendlwana obekunzima ukuthi lubonakale phakathi ngoba nama-khamera abezama ukulucinga ukuze luvele kuma-big screen abebekiwe.
Kuleli gumbi beluhleli lodwa kanti iSilo noNdunankulu uSenzo Mchunu nabanye abaholi bebehleli bodwa beluzwa ngezwi uNyazi uma lukhuluma ngoba belungabonakali.
Luthe iSilo liyasibonga ngoba sifana noSolomoni waseBhayibhelini owakwazi ukubona inkosikazi yakhe eyayibulale ingane esikhundleni sokuthi awahlulele wonke.
Belusho lokhu luchaza izinto ezimbi ezenziwa eSilweni abanye abaholi baleli bandla ngesikhathi besivimba bengafuni singene sizobona iNkosi uVimbeni Shembe osakhothama. Khonamanjalo uNyazi kumenyezelwe ukuthi luzohlonishwa ngeziqu zobudokotela yikolishi elingadalulwanga emcimbini ozoba seCity Hall eThekwini ngoDisemba 6.