BONGIWE ZUMA
UKUBONA osaziwayo abaningi begida ndawonye bengakhuli ngemisebenzi abayenzayo kwamenza waba nomcabango webhizinisi owesifazane waseThekwini wasungula inkampani ebhekele imisebenzi yabo ngqo.
UNksz Lawrancia Mqwebu (33) owazalelwa eNtuzuma kodwa osezinze eDurban North ungumnikazi weFAB Communications asebenza kuyo ngokubambisana nodadewabo uNksz Andile Mqwebu (30).
Ngaphandle kwale nkampani uphinde abengumdidiyeli wolunye lwezinhlelo ezihamba phambili kuKhozi FM, i Nethezeka noKhozi okuwuhlelo lukaMroza Buthelezi olungena njalo ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu.
I-FAB Communications ibhekela yonke into ethinta usaziwayo kusukela ekumtholeleni umsebenzi awuthandayo, ukusayinwa kwezinkontileka kanjalo nendlela yokuziphatha emphakathini okungaba nasemicimbini eyahlukene.
Uthe into eyenza wavula le nkampani eminyakeni emithathu eyedlule ukubona isidingo sezokuxhumana phakathi kosaziwayo nosomabhizinisi kanjalo nezinkampani abazisebenzelayo okwenza noma benza izinto ezihlukile kungabonakali.
UNksz Mqwebu uthe ukusebenza kwakhe eGoli lapho ayiqala khona inkampani yakhe ethuthukisa ezokungcebeleka kwamsiza ukuzakhela igama ngokusebenza kahle nabanye bosaziwayo.
Phakathi kosaziwayo abake basebenza iminyaka noNksz Mqwebu kubalwa uDJ Sbu we Friends Like These asebenze naye ngaphansi kwe-Urban Brew iminyaka eyisikhombisa.
Uphinde wasebenza noTrevor Noah, Proverb, Sorisha Naidoo, DJ Tira, L’vovo Derrango, Dineo Ranaka nabanye abaziwayo kwezokungcebeleka.
“Ngiphezu kohlelo lokukhulisa inkampani ngisungule enye ezokwazi ukubhekela lonke lolu hlobo lwemisebenzi engiyenzayo.
“Ukusebenza kakhulu nosaziwayo akusho ukuthi ngigxile kubo kuphela kodwa ngiyasebenza nosomabhizinisi abazimele kanjalo nezinkampani ezahlukene.
“Kodwa kulabo abenza ezobuciko nabasafufusa ngiyabadlulisela kwabanye abantu ngoba ngokwenkampani yethu ngeke bakwazi ukukhokhela zonke izindleko esizibhekelayo.
“Okusemqoka kakhulu kimi ukubona umuntu ekhula noma ngabe ungumculi kodwa kuningi angakwenza ngale kokucula ngoba akusiyo into ayenza zonke izinsuku,” kusho uNksz Mqwebu.
IFAB Communications beyaziwa kakhulu eGoli kanti kulo nyaka uNksz Mqwebu useyimakethe yathola nodumo KwaZulu-Natal okwenza asebenze nabantu abaningi.
Ukusebenza kwakhe kuKhozi FM ukuthatha njengezinye zezinto eziwumphumela wokwenza kahle kwenkampani yakhe nokuzifundisa kabanzi ngalo mkhakha.
Ephetha uthe ngaphandle kosizo lukadadewabo noyise uMnuz Roland Mqwebu odume ngoMkhize ku Muzi Wezinsizwa umfake isandla.