SIZWE BLOSE
UMDIDIYELI ophinde abe ngumphathi wabaculi uthi useyaliphonsa ithawula ekusizeni abanye abantu manje usefuna ukuzifukula yena.
UBheki Dlamini, uthi njengamanje usebuyela esifisweni sakhe sakudala sokuba ngu-DJ.
UBheki osezibiza ngoLoxion DA DJ, uthe useqalile ukudlala ezindaweni ezahlukene.
Ngaphambi kokuba nguDJ usevumbulule ikhono kubantu abaningi, ubale uBongi Dube, Thabsile wodumo lwe Thina Sobabili, Tyte okwakucula kuyona noKedeboni Mkhabela, Java, Sgqemeza noChilli M boKhozi FM, uSkhova nabanye.
“Ngibasize kakhulu abantu ngagcina ngikhohlwa ukuthi nganginesifiso sokuba uDJ, yingakho manje ngifuna ukufezekisa iphupho lami hhayi elabanye abantu,” kusho uLoxion DA DJ.
Uthe uqale ukudlala ngo-2005 kodwa ube esegxila kakhulu kukona ngo-2009 esehlala noDJ Andy X weChannel O athe umfundise okuningi ngokuklwebha amapuleti.
Ebuzwa ukuthi kwenzekani kulaba bantu ayesebenzisana nabo, uthe empilweni kuhamba kuhambe kube nokuhlukana ngokombono, yingakho nje naye engasasebenzisani nabo kodwa ukubeke kwacaca ukuthi akaxabene nabo.
“Lokhu okwenzeka empilweni yami ngikuthatha njengokukhula. Ngiyazi abaningi bayaqhubeka nempilo nami ngizimisele ngokuqhubeka neyami,” kuphetha uLoxion DA DJ.