FANELESIBONGE BENGU
U MSAKAZI osanda kushiya kwi-East Coast Radio (ECR), uMakhosi Khoza, usethubeni lokujoyina isiteshi sezingxoxo saseGoli, iTalk Radio 702, aseqalile ukuzwakala kuyona.
UMakhosi ubeshayela uhlelo okungena ngo-9 kuya ku-12 emini phakathi nesonto kwi-ECR lapho egcine khona ukuzwakala ekupheleni kukaJulayi.
Njengamanje lolu hlelo selwenziwa nguZaba Simbine.
Kuthiwa inkontileka yakhe ayivuselelwanga ngesikhathi lo msakazo wenza izinguquko.
UMakhosi, oneminyaka engaphezulu kwengu-20 esakaza, ngeSonto uzwakale kwiTalk Radio 702 etholakala nakwiDStv Audio Bouquet.
Ubenza uhlelo olungena ngo-10 kuya ku-1 emini i Solid Gold Sunday ngokwe-website ye-702 olwenziwa ngu-Allan Barnard.
UMakhosi uthe akaqashiwe kulo msakazo kodwa ubeceliwe ukuthi azobamba.
“Ngikhuluma nawe nje ngisendleleni ebheke eThekwini (esho izolo ekuseni). Ngabe ngiqamba amanga uma ngithi ngiqashiwe. Kukhona ohlabe ikhefu ngase ngicelwa ukuthi ngibambe,” kusho uMakhosi.
Okushiwo nguMakhosi kufakazelwe ngozibize ngoLara wakwi-702 othe uMakhosi ungomunye wabasakazi abangaqashiwe ngokuphelele kodwa ababamba uma kukhona umsakazi ongekho.
Lokhu kusho ukuthi uma kukhona umsakazi oshiyayo engaba sethubeni lokuqashwa ngokuphelele.
UMakhosi uthe njengamanje usacabanga ngekusasa lakhe ukuthi ufuna ukwenzani.
“Akusiyona into engiyijahile. Ngithatha isikhathi sami ngiyacabanga ukuthi ngibuyele ekusakazeni noma cha. Kuzoya kodwa ngokuthi yimaphi amathuba avelayo,” kusho uMakhosi oke waphatha izinhlelo kwiGagasi FM.
Ukhuluma kanjena nje, kuTwitter usanda kubhala ukuthi kukhona okusha okuzayo, kwale noma abalandeli bakhe bemxina ngemibuzo akafunanga ukudalula.
Uveze nokuthi incwadi ekhuluma ngempilo yakhe emsakazweni isiya ngasemaphethelweni.
“Ngisahlela izindaba zokuthi ngizoyikhangisa kanjani ngoba ngifuna itholakale ezindaweni eziningi,” kusho uMakhosi.