MHLENGI SHANGASE
U MBANGO oshisa phansi wokuthola izikhundla zabahloli oholwa yinyunyana iSadtu usuphazamise ukufunda ezikoleni ezisenyakatho yeTheku njengoba sekuphele amasonto amabili kungafundwa kahle kulezi zikole.
Izikole ezithintekayo eziyingxenye yesifunda iLembe njengoba le nyunyana isemkhankasweni wokukhipha umphathi waso uNksz Thembi Vilakazi.
Lo mkhankaso usunabele nasesifundeni Ugu, esiphethwe nguMnuz Mfundi Sibiya njengoba nomnyango usuze wakhipha nesexwayiso sokuthi abasesitelekeni esingekho emthethweni bazobanjelwa imali, kusetshenziswa umgomo i-“no work no pay”.
Le nyunyana kuthiwa yafunga yagomela ukuthi imfuna ehambile lo mphathi noma izokwenza lesi sifunda singabuseki.
Isolezwe liye emahhovisi esifunda iLembe eThekwini lapho kusebenzela khona uNksz Vilakazi lamfica esebenza kodwa wanqaba ukuphawula.
Esinye sezikhulu ezisebenza ehhovisi lakhe esicele ukungadalulwa, sithe inkinga yeSadtu yokungamfuni uNksz Vilakazi isuka ekutheni wanqaba ukuyinika izikhundla ethatha izintambo zokuhola isifunda ngo-2012.
Lesi sikhulu sithe kukhona abanye abaholi abafika kuNksz Vilakazi bezomncenga ukuthi abanike izikhundla zokuba abahloli ukuze bamvikele uma kukhona “abamhlaselayo”.
“Wanqaba kwabe useyinyathele emsileni ngoba bamtshela ukuthi kunomkhankaso wokuthi bamkhiphe aphume aphele emnyangweni. ISadtu ayinandaba nemfundo kodwa ifuna izikhundla kuphela. Njengoba seluqalile uhlelo lokuqoka abahloli abazongena ezikhundleni, ushaye phansi ngonyawo wathi ngeke avumele iSadtu ukuthi imkhethele ukuthi ubani ozongena kulezi zikhundla okuyinto emenza waba nyambanambana,” kusho lesi sikhulu.
Sithe sekuphele amasonto amabili kungafundwa kwezinye izikole, kwezinye kuyashesha ukuphunywa ngoba othisha bayasatshiswa.
“Akufundwa kulesi sifunda, indawo eshisa kakhulu iseStanger namaphethelo. Nakwezinye izindawo KwaMashu, eNanda nezinye nakhona noma othisha bezama ukuya esikoleni bayasatshiswa. Wothishanhloko abasatshwayo nabeNatu abaqhubeka nomsebenzi kanti umnyango uthule awusho lutho ngalezi zinto. Uma angase avume ukuphuma lokhu kuyosho ukuthi nakwezinye izifunda iSadtu izokwenza umathanda ngoba izobe isiwinile,” kusho lesi sikhulu.
NgoLwesihlanu amalungu eSadtu ahlangabezane nembibizane emashela lo mphathi emahhovisi omnyango eTruro House eThekwini, athola ukuthi awanayo imvume yokumasha.
Uhlu lwezikhalo alwamukelwanga ngumuntu njengoba la mahhovisi abevaliwe amalungu ahamba enxapha ethi azoqhubeka nokumfuna ehambile kulesi sifunda.
Phakathi kwezinye zezinto iSadtu ekhala ngazo ngoNksz Vilakazi indaba yomhlomulo wokufundisa emakhaya i-rural allowance, indaba yezokuthuthwa kwabafundi nendaba yenkohlakalo ohlelweni lokudla ezikoleni.
Lesi sikhulu sithe izikhalo zeSadtu azithinti isifunda kodwa zithinta inhloko-hhovisi ngoba iyona eqoka izikole ezizokhokhelwa irural allowance, indaba yokudla ikhishwa khona kanye nendaba yezokuthutha.
UNobhala weSadtu esifundazweni uNksz Nomarashiya Caluza, uthe kunemizamo yokuvala umlomo iSadtu uma iphawula ngezinto ezithinta ukuqashwa kwabantu emnyangweni.
Uthe indaba yokudayiswa kwezikhala zomsebenzi bazihlangula kwasekuqaleni, wathi banxusa noma ngubani ukuthi aphumele obala abike abenza lokhu kwikhomishini eyasungulwa nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga.
“Uma bekhona abenza lokhu akubona abeSadtu ngoba thina siyahambisana nophenyo lwekhomishini ngezikhala zomsebenzi. Sizoqhubeka kodwa sibeke uvo lwethu uma kukhona okungasigculisi ngokuqashwa kwabantu ngoba sisuke sizobukela noma singabambi qhaza kukho,” usho kanje.
Okhulumela umnyango uMnuz Muzi Mahlambi uthe bakhiphe isekhula ekhuluma ngezinto abaphathi okumele bazenze ukubhekana nalesi simo kulezi zifunda.
Uthe le sekhula engu-nombolo 20 ka 2015, ikubeka kucace ukuthi asikho isisebenzi okumele sinikwe ilivu ukuze sibambe iqhaza esitelekeni.