MBONGISENI BUTHELEZI
EseGoli
U NOZINTI we-Orlando Pirates wokuqina, uSenzo Meyiwa, uthi akumethusi nakancane ukuba khona kukaFatau waseGhana, kuleli qembu elizinze eParktown.
Ukhuluma kanjena nje uMeyiwa lo nozinti (uDauda) usanda kuveza ikhono lakhe evimba amabhola ayingozi ayethunyelwa nguCristiano Ronaldo wePortugal kwiNdebe yoMhlaba ka-2014 eBrazil.
Ukuvimba kahle kukaDauda kulo mqhudelwano kwenze kwabukeka sengathi uzothwala kanzima uMeyiwa obuye enze amaphutha angenasidingo kuBucs.
“Akungithusi ukuba khona kukaDauda ngoba umbango wejezi ngiwujwayele. Ngeke ngabanga noMoeneeb Josephs phambilini. Naye (uDauda) kuzomele angapheli amandla, alinde. Bekungijabulisa ukumbona enza kahle kwiNdebe yoMhlaba eBrazil,” kusho uMeyiwa.
Uthe ufuna nokuhlwitha ijezi leBafana Bafana ku-Itumeleng Khune weKaizer Chiefs, okunguyena ohlale evimbela iqembu lesizwe kanti ungukaputeni walo, uma kufika umqeqeshi omusha.
ISouth African Football Association (Safa) izomemezela umqeqeshi omusha ngoMgqibelo kanti uMeyiwa uthe uzophakamisa isandla azibonakalise ukuthi naye ukhona.
“Ngibheke ukuthi ngibe ngunozinti wokuqala eqenjini lesizwe. Lokho kuyinto engiyibheke ngabomvu. Ngiyethemba ukuthi umqeqeshi omusha uzonginikeza ithuba lokuthi ngizibonakalise,” kusho uMeyiwa.
IPirates izobhekana neChiefs emdlalweni weCarling Black Label Cup, eFNB Stadium, eSoweto, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama. UMeyiwa uthe lo mdlalo ubaluleke kakhulu.
“Uzosikhombisa ukuthi kuzosebenzeka kanjani kule sizini ezoqala. Kuzofanele siwunqobele abalandeli bethu abasivotele ngobuningi. Siyabonga ngamavoti abo ngiyethemba ukuthi bazobuyela emakhaya bejabulile.”
Umqeqeshi wePirates, uVladimir Vermezovic, uthe kungenzeka asayinise abanye abadlali abambalwa eqenjini lakhe ngaphambi kwemidlalo yokuqala yeligi.
“Kungenzeka ngisayinise abadlali ababili noma abathathu kodwa uma ngingabatholi ngizosebenza ngalaba enginabo manje ngoba nabo ngiyabethemba. Ngijabulile ngeqembu lami. Ngesikhathi ngithatha izintambo benginenkinga yabadlali abalimele namanje ngiyaqikelela ngabo,” kusho uVermezovic.
Uthe umdlalo wabo wangempelasonto uyefana neminye abayidlale neChiefs.
“Umdlalo ofana nalona awudingi ukuthi ukhuthaze abadlali, bayayazi into okufanele bayenze. Ngekhe ngijikijele amabhodlela amanzi emoyeni noma ngimemeze. Ngizobe ngiwuthakasela lo mdlalo. Kodwa noma kunjalo ngumdlalo omkhulu,” kuphetha uVermezovic.