SIZWE BLOSE
K UZOVULA amathuba emisebenzi kuthuthukise nezokuvakasha ukulethwa kwedili lomculo eNgonyameni okuyindawo ethathwa njengeyingxenye yaseMlazi.
Lo mcimbi owaziwa ngoMlazi Jazz and Heritage Festival uzoba kusasa eNwabi eduze kwesigodlo sobukhosi bakwaCele. Ibophele abaculi abasezingeni eliphezulu nasebezakhela igama okubalwa kubo uZakes Bantwini, Thandiswa Mazwai, Brenda Mntambo, Naima K nabanye.
UBhekisisa Phungula oyikhansela lendawo, uthe bajabule kakhulu ngokuthi abagqugquzeli balo mcimbi bakhethe indawo esemakhaya ukuze kusizakale abantu.
Uthe lokhu kuzodala amathuba omsebenzi esikhashana kuthuthukise nezokuvakasha. Uthe ngaphandle kokuthi abantu bazobukalezi zihlabani zabaculi eduze bazokwazi nokuzicoshela amasentshana ngamatoho azodaleka kulo mcimbi.
“Izakhamuzi zizothola imadlana ngokuthi zipakise abanikazi bezimoto emagcekeni azo kanti nentsha engasebenzi izothola amathuba okugada izimoto. Siyajabula kakhulu futhi ngoba sizwile ukuthi lo mcimbi uzoba minyaka yonke okusho ukuthi sizohlomula kakhulu singabendawo ngoba kuzodingeka kwakhiwe namahhotela aziwa ngama-B&B okuzokwenza kuqashwe abantu bendawo,” kusho uPhungula.
UMbongeni Linda ongomunyewabahleli bomcimbi, uthe konkesekumi ngomumo ngalo mcimbi. Uthe benze isiqiniseko sokuthi wonke amatoho avelayo anikezwa abantu bendawo. Uthe babambisene nomkhandlu wenkosi ekuhlelweni komcimbi okuyiwo obanike imvume yokusebenzisa intaba.
“Sicela abantu baseMlazi nabaseNgonyameni baphume ngobuningi babo bezokweseka umcimbi njengoba siwulethe kubo. Sicela baphuthume bathenge amathikithi bangaqedelwa abantu abasuka ngaphandle,” kusho uLinda.
Uthe ngokuza kwalo mcimbi kuzovumbululeka nekhono lokucula njengoba kuzonikwa ithubaabaculli bendawo abasafufusa ukuze bakhombise lezi zingwazi okungenzeka zibathathe zibaqophe.
Uthe amathikithi abiza uR120 eComputicket kanti awezicukuthwane abiza uR300. Uveze ukuthi azobe etholakala emasangweni ngo R150.
Umphathi wohlelo kuzobe kuwuSipho ‘Sgqemeza’ Mbatha osakaza uhlelo iVuka Mzansi kuKhozi FM.