SHARIKA REGCHAND
UMASIPALA waseMsunduzi odume kabi ngokungaphathwa kahle kwezimali uphendule amatafula wathola umbiko omuhle wokusetshenziswa kwenkece kusabelo-mali sika-2014/2015.
Ngemuva kweminyaka emihlanu obukade ungenayo imali ngayo ngenxa yokungasetshenziswa budedengu kwayo, kulo nyaka kutholakale ukuthi wonke amabhuku awo ami ngendlela.
Lokhu kuvele ngesikhathi kwethulwa imibiko yomasipala emcimbini obuseSibaya Casino izolo ekuseni.
IMeya yaseMsunduzi, uMnuz Chris Ndlela, ibijabule, yabonga imenenja yomkhandlu, uMnuz Mxolisi Nkosi, nethimba lakhe.
“UNkosi utakule umkhumbi wethu uzika njengoba afica umasipala wethu usesimweni esibucayi wawuthatha wawubeka kuleli zinga okulo njengamanje,” usho kanje.
UNkosi ubonge ithimba lakhe ngokubambisana naye ekufezeni iphupho lakhe lokuthi umkhandlu waseMsunduzi uthole umbiko omuhle.
“Kubonakala sisebenza kahle cishe kuyo yonke iminyango emkhandlwini. kuyiqiniso ukuthi sisuka kude lapho izinto kade zingahambi kahle khona kodwa sisengenza kangcono kakhulu kunalokhu esikuzuzile,” usho kanje.
Ngo-2010 umasipala waseMsunduzi wafakwa ngaphansi komlawuli ozimele womnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu oholwa nguNkk Nomusa Dube-Ncube emuva kwezinsolo zokungazisebenzisi ngendlela efanele izimali.
IMeya yangaleso sikhathi nemenenja kamasipala baphucwa amandla abo, kwalethwa ithimba elisha labaphathi ngenhloso yokutakula umkhandlu njengoba wawubonakala ucwila nomkhumbi.
UMnuz Johann Mettler waqokwa waba wumlawuli kwathi ngesikhathi inkontileka yakhe iphela ngoDisemba ngo-2010, waphindela esikhundleni sakhe sokuba yisikhulu esiphezulu kwa-SA Local Government Association (Salga).
Esikhundleni sikaMettler kwabe sekungena imenenja yomkhandlu weTheku, uMnuz Sibusiso Sithole, owabamba izintambo umasipala waze waphuma ngaphansi komlawuli ngo-2011, kwase kungena uNkosi ezintanjeni osetholele umkhandlu umbiko omuhle okokuqala eminyakeni emihlanu kwembulwa kwembeswa eMsunduzi.