NTANDOKAZI NKONYANE
ABANYE abantu besifazane bahlala phansi bathi dekle balindele ukukhangeza kuhulumeni nakubayeni babo. Iningi alinqeni ukuqhulula izingane sengathi kunomncintiswano wokuzala ngoba nje lifuna ukuhola isibonelelo sikahulumeni lesi esidume ngokuthi yimali yeqolo.
UNkk Zodwa Mphande akafani nalolu hlobo lwabesifazane abacabanga ukuthi ukugqoza kwamathuba emisebenzi kusho ukuphela komhlaba. Le ntokazi ehlala nomndeni wayo esithabathabeni somuzi oseMerrivale eHowick ikholelwa kakhulu ekuyisebenzeleni into uze ugcine uyitholile.
UNkk Mphande unoxhaxha lwamabhizinisi kulo lonke elakuleli. Phakathi kwawo kubalwa iFalls Rest Restaurant evame ukuhanjelwa nayizivakashi ezisuke zihambele empophomeni yaKwaNogqaza.
“Kule ndawo siba nemicimbi esezingeni elicokeme kabi okukhona kuyona amaphathi okuzalwa, izingqungquthela nokunye. Nabantu abasuke befuna ukuzoshaywa ngumoya ngemuva kokusebenza kanzima badlula kule ndawo,” kuchaza uNkk Mphande.
Le ntokazi iphinde ibe nendawo yokulala iV&Z Guesthouse eGoli. “Kunenye futhi esePalm Beach ePort Edward evamise ukusetshenziswa yizinhlanga ezihlukahlukene,” kusho yena. Eqhuba uthe ubuye abe yimenenja enkampanini abayisungula nomyeni wakhe iVemphande Enterprise engabasunguli bedili lomculo elaziwa ngeMidmar Music Festival eHowick, kulo nyaka elizobe lise-Orient Park ngoDisemba 31.
“Le festiveli saqala sayibiza ngoMphithi Music Festival kodwa ngenxa yesasasa elakhonjiswa ngabantu abahlala ezindaweni eziseMidlands namaphethelo sabona kukuhle siyibize ngeMidmar Music Festival. Kulo nyaka sibophele kakhulu njengoba kukhona oThandiswa Mazwai, Ringo Madlingozi, Nonhle Thema, Judith Sephuma, Zamajobe, Naima Kay, KO, Naak Musiq, DJ Merlon nabanye,” kuphetha Nkk Mphande.
Kuwo wonke la mabhizinisi kunenqwaba abakwazi ukuxosha ikati eziko futhi ngengxenye yenzuzo abayithola ngawo uthi babuye banikele ngokusiza izingane eziphuma emindenini edla imbuya ngothi.
Lo muntu wesifazane akafuniseli ngokuphatha amabhizinisi kodwa ukuyele esikoleni. Kuthe angaqeda uGrade 12 eMargot Fontein Secondary eKlaarwater ngo-1994, wayokwenza izifundo zeBusiness Management eDurban University of Technology (kuseyiTechnikon Natal) nezeTourism eDamelin. Ngaphambi kokungena emabhizinisini, uqale wasebenza enkampanini yamabhanoyi iSA Airways iminyaka eyishumi kusukela ngo-2001.
Yize ematasatasa kodwa uthe uyaba nesikhathi esikhethekile asichitha nomyeni kanye nomndeni wakhe wonke nesokulalela umculo opholile.