ZANELE MTHETHWA
K UTHIWA akulula ukuthi indoda ixolele owesifazane ebithandana naye uma ebanjwe ejola ngoba izibona yehlelwe yisithunzi.
Kumangazile ukuzwa ukuthi umethuli wama- Idols kuleli, uProverb (Tebogo Thekisho) umxolele umkakhe u-Onalerona.
Ekuqaleni kwale nyanga zethusile izindaba zokuthi unkosikazi kaProverb ubanjwe ejola nosomabhizinisi ongumacaphunakusale. Kungakapheli sikhathi kusabalale le mibiko uProverb ukuqinisekisile kuTwitter ukuthi umkakhe aseshade naye iminyaka engu-10 ubejola.
Muva nje kuvele ukuthi baxolelene bafaka nezithombe zabo ku-Instagram.
Ziningi izigameko ezimbi ezidalwa wukuxabana kwezithandani uma sekukhona ojolayo kubonakale kunzima ukuxolelana.
Ingabe yini edala ukungathembeki kwabathandanayo?
UNksz Dudeni ongumeluleki wezothando nezempilo uthe lusekhona uthando lwangempela yize kwandile nokungathembeki ebudlelwaneni.
Uthe yize kunzima ukuxolela endodeni esuke ibambe othandana nayo ejola kodwa uma uthando luqinile iyadlulisa.
“Kunama-doda ancamela ukufihla ihlazo, aqhubeke nothando phezu kokuba owesifazane engathembe-kanga. Lokhu kukhombisa ukuthi uthando lusekhona futhi uma nithandana niyaxolelana,” kuchaza yena.
UNksz Dudeni uthe kuningi okudala ukungathembeki ebudlelwaneni. Isikhathi esiningi kuba ukuncintisana ngokomsebenzi nangemali nokunganeliseki ngezidingo ezithize.
Yize abaningi bazi ukungathembeki okungukubanjwa oqotsheni kojolayo, uthe kukhona okubizwa nge-emotional cheating.
“Kunabantu abathandanayo bengakaze bashelane. Kwesinye isikhathi baqala bengabangani bagcine besondelene kakhulu. Abanye bagcina ngokuyikhombisa imizwa, abanye baqhubeke njengabangani. Kumele uzicabangele ukuthi ukhetha ukulandela imizwa ulahlekelwe yisithandawa sakho yini,” usho kanje.
Uthe isikhathi esiningi kusuke kungelona uthando lwangempela kodwa kuyizinkanuko.
Izazi zamasiko zithi ukungathembeki bekuvele kukhona kodwa bekunganekelwa izwe.
USolwazi Jabulani Maphalala uthe ngokwesintu ayikho idivosi yingakho bekungahlukwana ngisho kukhona obanjwe ejola.
“Ngokwesintu akuhlukanwa uma asebeshadile bexabane. Ngisho unkosikazi ebanjwe ephinga akushintshi ukuthi usengumfazi kulowo muzi. Uma ebanjiwe ubephindela kubo abuye nesilwane emzini, kuthelelwane amanzi kube yimfihlo yomndeni,” kusho uSolwazi.
Okubalulekile uma uphoxwe yisithandwa sakho ngokungathembeki:
n Kumele welulekwe ngokomqondo uze udlulise ngokuphelele.
n Zazi wena kuqala ukuthi ufunani othandweni.
n Qinisekisa ukuthi usukulungele ukungena kobunye ubudlelwano.
n Ungangeni ebudlelwaneni obusha usabambe amagqubu.
n Zinike isikhathi sokuzithanda wena uqobo kuqala uzame zonke izindlela zokuzijabulisa.