ZANELE MSOMI
USEPHUCIWE izingane zakhe owesifazane waseDikwe, eNanda, obezilaxaza ayohlala ejoyintini, enye yazo enenkinga yokungakwazi ukuzikhulula.
UNksz Zanele Zondi (36), usale encela izithupha ngoMsombuluko njengoba izingane zakhe ezineminyaka engu-6 no-2 zithathwe ngosonhlalakahle ngenxa yokuhlukumezeka.
NgoJanuwari 16 Isolezwe labika ngalolu daba lukaNksz Zondi obesexake ngisho omakhelwane abebezama ukukhuza umhlola wokulaxaza izingane eyophuza.
Kwavela ukuthi kukaningi kubikelwa ikhansela nosonhlalakahle bendawo kodwa bafike bahluleke ukusiza ngoba uNksz Zondi ebehlala emajoyintini. Kwabikwa nokuthi umphakathi usuke wamtalabha emuva kokuthola izingane ezishiye zodwa egcekeni ebusuku, walandwa ejoyintini.
Emuva kokuphuma kodaba uNksz Ncumisa Fandesi okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi wathembisa ukuthi bazongenelela. Waveza ukuthi bazokhuluma nosonhlalakahle abake bazama ukulandela udaba ukuthola ukuthi bagcinaphi.
Izolo leli phephandaba lithole isiqinisekiso sokuthi izingane sezibekwe endaweni ephephile kahulumeni eMlazi.
UNksz Thulisile Hlongwa ongumakhelwane nowayesekomitini lomphakathi kuqalwa imizamo yokusiza izingane, ungomunye wabebekhona zithathwa ngoMsombuluko.
“Kusukela ngalo usuku enakhipha ngalo udaba uMaZondi waphinde wazilaxaza izingane. Wazishiya kanjalo esokeni waya ejoyintini waze wabuya sekushaye u-12 ebusuku. Nesoka lakhe ahlala nalo belingasayithandi indaba ngoba yilona ebelinakekela izingane uma ezishiyile,” kusho yena.
UNksz Hlongwa uthe ukuthathwa kwezingane bekuvele kuyisifiso sakhe namalunga omphakathi abekhathazekile ngesimo sazo.
Uveze ukuthi ngoLwesihlanu osonhlalakahle bafike bathatha izingane baziyisa esiteshini samaphoyisa badlulela esibhedlela eMahatma Ghandi Memorial ukuze ziyohlolwa isimo sempilo. Babuye ngoMsombuluko sebezozithatha.
Kuthiwa ezinye izingane zakhe ezineminyaka (20) no (18) sezaqoka ukuyokipita ngenxa yesimo sikanina ohlala emajoyintini. Enye indodana yakhe eneminyaka ewu-13 isithathwe omakhelwane abayifundisayo.
Uyise wezingane ezimbili zokugcina washona, yingakho uNksz Zondi esekipite nesoka nalo elingasebenzi. Kusolwa ukuthi kumanje ukhulelwe ngokusho kwabaphuza naye.
Omakhelwane babonge leli phephandaba abathe kusize ukungenelela kwalo ukuze kutakulwe izingane. Izolo bathe uNksz Zondi akabonakali selokhu bamgcina kuthathwa izingane.