INTATHELI YESOLEZWE
IZIGIDI ngezigidi zabantu bomhlaba izolo zibukele komabonakude intokazi yakuleli uRolene Strauss eqokwa eba nguMiss World.
Le ntokazi ebinguMiss South Africa iyaqala ukuthi ibe ngeyakuleli ukuthatha lo mqhudelwano kusukela kwagcina ngo-Anneline Kriel ngo 1974.
U-Miss Hungary, u-Edina Kulcsar, ulale isibili kwathi owase-US, u-Elizabeth Safrit, walala isithathu kulo mqhudelwano obubanjwa okuka-64, ubangwa yizintokazi ebezivela emazweni angaphezulu kuka-120 ehlukene.
UStrauss uzishayele izandla ethukile ngesikhathi eqokwa echonywa nesicoco sakhe ekhanda yilowo obenguzime womhlaba uMegan Young wasePhilippines.
Ejabule uStrauss ubonge ukwethenjwa kwakhe ngabantu bakuleli athi bebelokhu bemtshela ukuthi anganqoba.
Le ntokazi yase-Volksrust efundela ubudokotela ibivele iyimfivilithi njengoba ingaphoxanga.
Ezibongela uthe ujabule ngokuthi afezekile amaphupho akhe okunqoba lo mncintiswano. Ngemuva kwalokho uthe: “Kubantu baseNingizimu Afrika lokhu ukunqoba kwami kungokwenu.”
Ngemuva kokunqoba imiyalezo ibisingena ingenile ezinkundleni zokuxhumana izolo ebusuku bonke abakuleli behlangene ekubungazeni nasekujabuleleni le ntokazi efunda e-University of Free State. URector wakule nyuvesi uProfessor Jonathan Jansen umhalalisele izolo ebusuku uStrauss ngokunqoba kwakhe.
Ngo 1958, uPenny Coelen wakuleli waba ngowokuqala ukuqokwa njengo-Miss World kwase kuthi eminyakeni engu 16 elandelayo ngo 1974, u-Anneline Kriel wasithatha naye lesi sicoco.
UMargaret Gardiner wanqoba uMiss Universe ngo 1978.
UNorma Vorster waba ngu-Miss South Africa wokuqala osemthethweni ngo 1956.