FANELESIBONGE BENGU
USELAXAZE umsebenzi wansuku zonke wakhetha ukugxila emculweni umculi waseThekwini obeseneminyaka enyamalele.
USphiwe “Museeq IQ” Khumalo wafika kwezwakala emculweni ngo-2009 ngengoma eyashisa izikhotha ethi La La La eyayikwi-albhamu kaDJ Sndara i High Society.
UMuseeq IQ uthe useshiyile emsebenzini wakhe wokudayisa izimoto kwaMercedez Benz eMhlanga wakhetha ukugxila emculweni.
“Ngibone sekuyisikhathi esifanele sokuthi ngigxile kuphela emculweni manje. Sengidayise izimoto cishe iminyaka engu-12,” kusho uMuseeq IQ.
Kumanje usenengoma ayikhiphile esiqalile ukuzwakala emsakazweni nasezindaweni zobumnandi i Sondel a edidiyelwe nguSosha noMondli Ngcobo.
Uthe le ngoma uyikhiphe e-Afrotainment kaDJ Tira osekuyikhaya lakhe elisha njengoba phambilini ubesebenzisana neMayonie Productions kaZakes Bantwini.
“Benginezinkampani eziningi ebezifuna ukusebenzisana nami kodwa ngabona i-Afrotainment ikahle kakhulu. Abantu abaningi babezitshela ukuthi ngikwiMayonie kanti cha, uZakes ngumngani wami. Ube ngumngani wami ngaphambi kokuthi kuze kube khona iMayonie. Isikhona bengimlekelela ngezinto ezithile njengokubhala izingoma okubalwa kuzo ethi She Stole My Heart ayicula noZiyon nezinye. Angikaze ngisayine enkampanini yakhe,” kusho uMuseeq IQ.
Uthe usezinhlelweni zokukhipha i-albhamu yakhe yokuqala ngonyaka ozayo.
“Ukunyamalala isikhashana kungisizile ngoba ngifundile ukuthi abantu bafunani. Manje ngenza umculo ongafani nami kodwa othandwa wumphakathi ngoba ekugcineni kosuku senzela wona. Okubalulekile kodwa wukuthi uwenze ngendlela yakho. Ilento ebulala abaculi abaningi bezitshela ukuthi into eyayidlisa ngo-1999 isazodlisa nango-2015. Njengamanje ngizama izinto ezintsha engicabanga ukuthi abantu bazozijabulela kakhulu,” kuphetha uMuseeq IQ.