NONTUTHUKO NGUBANE
USOMABHIZINISI wesifazane waseMtubatuba wenza umehluko empilweni yabanye abantu njengoba esenabasebenzi abangaphezu kuka-10 abaqashile.
UNkk Phumzile Ndlovu (40) unebhizinisi lakhe iSnothando Trading CC elakha izindlu nezinye izakhiwo.
Kulo mkhakha kugcwele abesilisa kakhulu kodwa uPhumzile uthe ikhona lokho okwenza wafuna ukwenza kahle kuwona.
Igama lenkampani yakhe iSnothando uthe waliqamba ngoba enothando ngalokhu akwenzayo nokuthanda ukusiza umphakathi.
Ngaphambi kokuba angene kwezokwakha waqala enenkampani yokupheka ukudla.
“Kwavela ithuba lokuba ngingene emkhakheni wokwakha ngo-2009 ngalibamba ngezandla zombili manje ngiyaqhubeka nokukhula. Okusemqoka kumina ukwenza umehluko empilweni yabantu, nokwazi ukuthi kunemindeni elala idlile ngenxa yebhizinisi engaliqala. Kumanje nginabasebenzi abangu-10 engibaqashile,” kusho uPhumzile.
Lo somabhizinisi wasebenzisa imali yakhe ukuqala leli bhizinisi. Kumanje usungaphika ukuthi wayehlala ekhaya ngaphambi kokuba abe nebhizinisi lakhe.
“Bekunzima ngisakhula emakhaya. Ngangihamba ibanga elide ukuya esikoleni noma sengibuya. Uma ngifika ekhaya kwakumele ngiqale ngiyokha amanzi emfuleni, ngipheke bese ngenza neminye imisebenzi yasendlini. Kwakungelula nhlobo ukufunda ngalezo zikhathi. Sasingekho nesikhathi sokwenza umsebenzi wesikole nogesi ungabonwa, kumele usebenzise ikhandlela,” kusho yena.
Uthe kwakuhlezi kuyiphupho lakhe ukuba nebhizinisi kodwa engazi ukuthi kumele enzenjani.
Impumelelo yakhe uthe ilele kakhulu ekutheni uzibambela mathupha emsebenzini, akakukhonzile ukuhlala phansi elokhu ethumela.
Ukhonze ukuhlela umsebenzi nokufundisa abanye umsebenzi.
“Kwezamabhizinisi asikho isikhathi sokulokhu ukhala, ungaphoqi nabanye ukuba benze intando yakho kodwa kumele ukwazi ukusebenzisana nabanye abantu ukuze uphumelele,” kusho yena.
Ziningi izinselelo uPhumzile abhekane nazo ngaphambi kokuba abone inkampani yakhe iphumelela. Isikhathi esiningi uthe ubengalali nasebusuku esebenza kanzima ukuze aphumelele.
Lo wesifazane uncome kakhulu ukwesekwa i-Ithala Development Finance Corporation ngezimali nangolwazi kwezamabhizinisi.
“Akuyena wonke umuntu okwazi ukuthola ukwesekwa ebhizinisini lakhe. Ngenhlanhla Ithala laba nami, lenza kwaba lula ukuba abantu basemakhaya njengami bakwazi ukuthola usizo nangolimu lwabo,” kusho yena.
Umyalezo wakhe kwabanye besifazane abahlose ukuqala amabhizinisi abo uthe kumele bayeke ubuvila basebenze ngokuzikhandla.
“Noma ubani angakwazi ukulandela amaphupho akhe. Ubuvila nokuhlezi ucabanga ukuthi uzohluleka ikhona okubambezela impumelelo. Zicoshe bese uyaqala ukusebenza kanzima,” kusho yena. Uthe umsebenzi uqala ngo-7 ekuseni aze aqede ntambama.
Uthe ubeka uNkulunkulu phambili kukho konke akwenzayo nokwenza umsebenzi wakhe ube lula.