SAPA
KUQINISWE ezokuphepha ngesikhathi umholi we-EFF uMnuz Julius Malema eshada nesithandwa sakhe seminyaka uNksz Mantwa Matlala eSeshego, eLimpopo, ngempelasonto.
Ngokubika kwephephandaba i Sunday Times, bekunonogada abangaphezu kuka-20 ngesikhathi kushadwa umshado wesintu ngoMgqibelo.
Onogada abebegqoke amasudi amnyama nothayi ababomvu bebeqinisekisa ukuthi kungena abantu abamenyiwe kuphela.
Umshado obusetendeni elimhlophe ngaphandle kwakubo kaNksz Matlala bewuhanjelwe ngabantu abangaphezu kuka-500.
Ekupheleni komgwaqo bekubekwe itende elikhulu elinengilazi.
I City Press ibike ukuthi uNksz Matlala ubegqoke isiketi esinendwangu ephindaphindiwe nobhodisi onavy obuhlotshiswe ngobuhlalu. UMalema ubegqoke ishethi lendwangu yedashiki eliluhlaza okwesibhakabhaka.
Ngokwemibiko ezinye zezicukuthwane ezifike emshadweni ngendiza enophephela emhlane zithuthelwe emshadweni ngeGolf 7 ngonogada.
Kuthiwa uMalema uthengele umkakhe indandatho yesithembiso enamadayimane aluhlaza okwesibhakabhaka ngaphambi komshado.
Emshadweni bekunezimenywa obekukhona kuzo uSihlalo we-EFF u-Advocate Dali Mpofu, ummeli kaMalema uMnuz Tumi Mokwena, owayelingisa ku Muvhango uNksz Lerato Moloi nowayenguNdunankulu waseLimpopo uMnuz Cassel Mathale.
UMnuz Kgaogelo Thobakgale ohlala eSeshego ozifikele mathupha ezobona umshado yize ebengame-nywanga uthe lesi kube yisikhathi sokujabula kuleliya lokishi.
Uthe bebephumele ukukhombisa injabulo yabo ngokuthi uMalema ushade nentombazane yasendaweni nokuthi umshado uwenzele eSeshego.
I City Press ithe bekunelinye itende ebelingaphambi komuzi kagogo kaMalema lapho bekuzoqhubeka umcimbi wesibili womshado izolo.