AKUWONA wonke ushokoledi ongadingeki emzimbeni njengoba kuthiwa onsundu kakhulu owaziwa nge-dark chocolate, unokuhle okwenzayo.
Ngaphandle kokuthi ushokoledi udliwa ngoba uletha lowo muzwa oconsisa amathe, onsundu unezakhamzimba ezingakusiza.
Lo shokoledi kuthiwa wakhiwe nge-cocoa tree kanti ungehlisa amathuba okuhlaselwa yisifo senhliziyo.
Ongoti kwezokudla bathi isixwembe sikashokoledi esingu-100 grams siqukethe, i-fibre, i-iron engasiza ukwakha igazi emzimbeni, i-manganese ne-magnesium. Zonke lezi zithako ziyadingeka emzimbeni womuntu ukulwa nezifo ezithize.
Yize uqukethe ne-caffeine okuthiwa ingadala ukuphaphamisa okungakwenza uqwashe nasebusuku, izinga le-caffeine kulo shokoledi alilingani nelekhofi eliphezulu kakhulu.
Ngokombiko ohlanganiswe ngongoti bezokudla wabhalwa kwi- AuthorityNutrition.Com kuthiwa lo shokoledi awunabo ubungozi bokukhuluphalisa njengezinye izinhlobo, kodwa ngaphambi kokuwudla kumele ubheke nesikalo sikashukela othakiwe.
Akudingeki nokuthi bese uphila ngawo nsuku zonke kodwa ungadla iqhezu okungenani kanye ngesonto.