SIZWE BLOSE
UMSAKAZI weGagasi FM uzichaza njengomuntu onamahloni kodwa uma esethi “Believe or not, I am Simtho Dladla,” uvele ungawezwa wonke lamahloni akhuluma ngawo.
Ngisho noma ededela isigubhu se-kwaito ezinhlelweni ezehlukene kulo msakazo ngeke usho ukuthi ngumuntu onamahloni futhi obasabayo abantu abaningi.
Engxoxweni ekhethekile naleli phephandaba uveze ukuthi uzalelwe eMpophomeni wafunda u-matric esikoleni Asibemunye High kuyona le ndawo.
Eseqede u-matric, wadlulela esikhungweni i-Icesa wenza izifundo zokuxhumana.
“Ngihlale iminyaka emibili kulesi sikhungo ngadlulela eDUT ngenza iSport Management. Ngithe uma ngiqeda ngangena eGagasini ngaba yithwasa khona. Kuthe sengiqedile baphinde bangibiza, ngicabanga ukuthi bakuthanda engangikwenza,” kuchaza uSimtho othe useneminyaka engu-29 edla anhlamvana.
Uthe akafuni ukuqamba amanga, esakhula akakaze abe nothando lokungena emsakazweni kodwa umbonga kakhulu uNkulunkulu ngokumvulela ithuba kule mboni.
Uthe abazali bakhe basaphila bahlala eMlazi kanti bane kubo.
Uthe okwamanje akaganiwe kodwa unaye owesifazane ahlekisana naye.
EGagasini wethula uhlelo lwezemidlalo olungena ngoMsombuluko nangoLwesihlanu ngo-6 kuya ku-7 ntambama.
Uphinde ethule ezomgwaqo kanti ungunjiniyela kulo msakazo.
“Ngiwumuntu ozifela nge-kwaito yakudala, ngenhlanhla lo msakazo uyanginika ithuba lokuveza ikhono enginalo lokuklwebha amapuleti. Ngibonga nakumalume njengoba kunguyena owangenza nganothando lomculo,” kusho uSimtho.
Uthe uyatholakala ohlelweni lukaTP noThandolwethu, olukaLekomotion ngoMgqibelo nolukaVumar ngeSonto.
Uthe uma enabangani bakhe bathanda ukuzipholela endlini yakhe noma kwekaVumar.
“Ngiyabanqena abantu ngithanda ukubajabulisa bese ngiyaphuma kubona, nginamahloni amakhulu,” kusho uSimtho.
Uthe yize engumuntu wezemidlalo kodwa alikho iqembu lebhola alesekayo, uveze ukuthi ulithanda kakhulu nebhola lombhoxo.
“Ngeke ukholwe ukuthi ngike ngadlala eqenjini lamaSharks elincane kodwa ngabe sengiyakhathala endleleni,” kusho le nsizwa.
Uphethe ngokukhuthaza abantu ukuthi baphume ngothi lwabo ngosuku lokuvota okunguMeyi 7 ngoba lokho kuyilungelo labo elafelwa ngabantu abaningi.