MTHOKOZISI MNCUSENI
SuperSport United (1) 2 AmaZulu (2) 5
KULOKOZE inhlansi yethemba kubathandi bebhola baKwaZulu Natal ngesikhathi AmaZulu enqoba ngembudlu yamagoli ekubeni ebenganikwe lutho ngaphambi komdlalo wawo we-Absa Premiership neSuperSport United izolo ntambama eLucas Moripe Stadium, ePitoli.
Lokhu kunqoba kubuyise ithemba kubathandi bebhola baseKZN abese beqalile bekhala ngokulahlekelwa kwabo. Abebekhala ngakho kakhulu ukuthi ukuphuma koSuthu kuzodala indlala yebhola eKZN. Ngemuva kwalo mphumela Usuthu selunamaphuzu angu-12 okuwasondeza eduze kakhulu nePlatinum Stars ekhale ngaphansi ngo 2-0 khona izolo kuBlomfontein Celtic.
Ngesikhathi abathandi boSuthu besajabulela ukuthi uhlupho oluwuKingston Nkhatha ngeke luwudlale lo mdlalo, isilomo sabo esinguMbulelo Mabizela senze iphutha eliholele ekutheni uJeremy Brockie ashaye igoli lakhe lesithathu emidlalweni emine yeligi aseyigijime kusukela efikile kuleli esuka eNew Zealand.
Nakuba kungazange kuchazwe ukungabi khonA kukaNkhatha kodwa ukhishwe ngesikhathi sekhefu koweNedbank Cup abawudlale nePolokwane City maphakathi nesonto. Lona bekungumdlalo wokuqala uMabizela ebuya esigwebeni sekhadi elibomvu alithole bebhekene neCeltic emasontweni amabili edlule.
Nakuba ebelandela ngemuva AmaZulu kodwa njengoba enza nakuSundowns, abezama ukwakha amathuba futhi ubona ukuthi abadlali bazinikele ikakhulukazi emabholeni afuna ukungqofwa ngamakhanda.
Ngomzuzu ka-34 uBongi Ntuli bekufanele alinganise kwazise ubephume yedwa kodwa wadlala ngomsebenzi eliqondisa kuRonwen Williams. Kudlule umzuzu owodwa wawalamulela AmaZulu u-Energy Murambadoro ejikijele ngenxele uDove Wome. Ngomzuzu ka-42, uMarc van Heerden ushaye udalimede we-free kick lakhala enethini njengoba kwenzekile futhi ngomzuzu wokugcina esiwombeni sokuqala elibeka enethini ngekhanda uNtuli.
Zibuya ngakho kodwa uBornwell Mwape uwabeke ebuhleni AmaZulu ngegoli elihle kade kuyikhona futhi. Ngemuva kwegoli lesithathu ivukile emaqandeni iSuperSport kodwa wawasindisa uMurambandoro. ULuvolwethu Mpeta ushaye ipali ngomzuzu ka-53.
Yize isimo sezulu besingesihle kodwa lo mdlalo uqhubekile nokuhlabahlosa njengoba ebuye wayisondeza iSuperSport uClayton Daniels ngegoli lekhanda nakhona futhi kade kuyi-freekick. Kugcine sekubonakala sengathi alisani izulu kodwa kuna amagoli elibeka enethini elesine uGoodman Dlamini kade ephakelwe kahle uRobyn Johannes. Uphinde wabuya uDlamini nelesihlanu.
Ngemuva kokungena kwamagoli ubuthaphuthaphu, bekubonakala ukuthi iSuperSport isiyivumile induku.
Imidlalo ye-Absa Premiership ngoLwesithathu imi kanje:
Kaizer Chiefs vs Ajax Cape Town (FNB Stadium, 7.30pm); Free State Stars vs Orlando Pirates (Charles Mopeli Stadium, 7.30pm); Chippa United vs Polokwane City (Nelson Mandela Bay Stadium, 7.30pm).