FANELESIBONGE BENGU
U METHULI wezinhlelo zeMTV Base, uNomuzi Mabena, uthi ukuya kwakhe eMelika ukuyokwethula amaMTV Video Music Awards eLos Angeles, ngesonto elizayo kuzomulekelela ekutheni akhule njengomethuli wezinhlelo.
UNomuzi uzohamba nomsakazi we-5FM uRoger Goode ukuyosakazela ababukeli beMTV le miklomelo.
Abantu bakuleli bazoyibona bukhoma le miklomelo ngo-Agasti 25 ngo-3 entathakusa kuMTV channel 130 esizotholakala nakwiDStv Compact, izophindwa ebusuku ngo-9.
“Ngizimisele ngokuthi ngiqoqe ulwazi oluningi engizoluthola phesheya bese ngibuya nalo ngilusebenzise lapha ekhaya. Ngizophinde ngifundise abanye ngengizokufunda nami. Lokhu kuzongisiza ekutheni ngikhule. Ngibuye ngibe nenkampani ehlela imicimbi engingakuthokozela ukwakha ubudlelwano nabantu abathile abazosiza ekukhuleni kwenkampani yami. Ngizobuka nangendlela abenza ngayo imicimbi,” kusho uNomuzi.
Le ntokazi yaseBenoni, eGauteng, izobe yethula nokuzobe kwenzeka kukhaphethi obomvu lapho kulindeleke khona osaziwayo okubalwa kubo uBeyoncé, Nicki Minaj, Maroon 5, Iggy Azalea, Rita Ora, Usher nabanye.
“Ngijabule kakhulu ngalolu hambo ngoba ngizobe ngiqala ukuya eMelika. Ngake ngaya e-Europe sihambe nesikole kodwa ngiyaqala ukuya ngedwa ngiyosebenza. Kuzoba mnandi. Angethukile kakhulu ngiyazethemba. Ngemuva kokuhluleka wukunqoba umncintiswano wokuthungatha umethuli we Live nokunqoba oweMTV ngizethemba kakhulu. Angisazivumeli izinkulumo ezibhedayo ukuthi zingiphazamise,” kusho uNomuzi othi ujabule ukuthi kukhethwe yena kwazise bekungakhethwa omunye umuntu.
Uthe abantu bangamphathisa imibuzo abafisa ababuzele yona kosaziwayo baseMelika.
“Ngingajabula kakhulu uma bengangithumelela imibuzo kuTwitter ekhasini lami u-@NoMoozlie,” kusho yena.