NONTANDO MPOSO
I MISIKO yakhe igqama esixukwini kanjalo nemibukiso yakhe yengqephu ihluka kakhulu kweyabanye abasiki bengqephu.
UDavid Tlale (osesithombeni) ubalwa nabasiki bengqephu abahamba phambili kuleli futhi ikhono labo eselaziwa nasemazweni aphesheya kwezilwandle.
Ukuthanda kwakhe izinto ezihlukile yikhona okuholela ekutheni imisiko yakhe igqame futhi ahlale eseqhulwini kubantu bakuleli uma befuna umsiki wengqephu.
Sekuphele iminyaka engu-11 uTlale asungula ilebuli lakhe kanti umsebenzi nobuciko bakhe sebumwinise izindondo ezibalulekile futhi usebe yingxenye yemibukiso ephambili emhlabeni jikelele.
Ngonyaka odlule nje uwodwa uthole indondo yeFashion Designer of the Year kuma-Africana Diaspora Awards ayehlelwe yiphephabhuku i- Applause eNew York ngoNovemba.
Waphinde wahlonishwa nge-African Icon of Hope Award kwiNigeria Fashion Week.
Imisiko yakhe yentwasahlobo nehlobo wakhangisa ngayo kwiNew York Fashion Week, wanconywa yonke indawo.
Muva nje yena nomethuli wezinhlelo zethelevishini uBonang Matheba, umculi we-hip hop uDa L.E.S noDJ Dimples basanda kuqokwa yiCiroc Circle njengabantu abanomthelela omuhle emkhakheni wezemfashini, umculo nasemphakathini.
“Unyaka ka-2014 ubumuhle kakhulu kimina. Umsebenzi kaNkulunkulu ubonakele kithina njenge-brand. Uhambo yima luqala manje. Abantu bahlale bethi sesifike ekugcineni siyi-brand akukho esesingakwenza, kepha yima siqala manje. Kuningi okusadinga ukwenziwa ikakhulukazi njengoba nomhlaba usuqala ukubona ukuthi senza umsebenzi omuhle kangakanani. Uma ngicabanga ukuthi ngihlala futhi ngisebenza eGoli kodwa iphephabhuku ( Applause) eliseNew York liyakwazi ukuncoma umsebenzi wethu, kuyangimangaza. Okusho ukuthi yindlela yabo yokusitshela ukuthi bayasigqugquzela nokuthi ngaso sonke isikhathi kukhona umuntu osuke ebuka umsebenzi wakho. Kusinika nomyalezo wokuthi likhona ithemba lokuthi uzalo lwase-Afrika lungaqhakaza emhlabeni jikelele,” kusho uTlale.
Besikhuluma noTlale kwezinye zezindawo ezithandwa kakhulu eKapa, eShimmy Beach Club lapho yena neqembu lakhe leCiroc Circle bebenomcimbi wokujabulela impumelelo yabo.
Usitshele ukuthi umbukiso wakhe kwiNew York Fashion Week ngo-Okthoba nyakenye wawuqhakambisa ukuthuthuka nokuqhakaza komuntu wesifazane ongum-Afrika.
Umbukiso wakhe wawubizwa ngokuthi Feminine Allure okwakukhangisa kuwo noTyson Beckford, owaduma ngokuba ngabanye babakhangisi abaphendlela indlela abakhangisi besilisa abamnyama ekuqaleni kwama-90’s.
UTlale uthi lo mbukiso wakhe yiwona osekukhulunywe ngawo kakhulu kuneminye aseke wayenza.
“Ngilokhu ngikhuphukela phezulu ngiphakamisa ifulegi lase-Afrika. Sibona umuntu wesifazane ongum-Afrika eba ngumengameli wezwe, bayanda abesifazane ababa yizikhulu eziphezulu ezinkampanini, abantu abanamandla. Umbukiso wami wawugubha lokho.”
Uchaza athi kulo mbukiso wasebenzisa kakhulu imibala ehambisana nobu-Afrika esuselwa kwilebuli iVlisco wayithaka nebhulawuzi elimhlophe asedume ngalo.
“Kule sizini wonke umuntu wesifazane uyalidinga ibhulawuzi kaDavid Tlale. Ingqephu ongayigqoka usuka eboardroom uze uye kwi-cocktail party kanjalo nasemcimbini onokhaphethi obomvu.”
Uthe uma enza imisiko yakhe engqondweni kusuke kubusa umqondo wokuthi wonke umuntu wesifazane usuke efuna ukubukeka kahle.
Ukuvumbulula nokuthuthukisa ikhono ngezinye zezinto ezibaluleke kakhulu kulo msiki wengqephu kanti abasebenzi bakhe asabaqeqesha banconywa embukisweni iDurban Fashion Fair ekuqaleni konyaka odlule.
“Kubaluleke kakhulu ukuthuthukisa ikhono njengoba sikhula siba yingxenye yamazwe ngamazwe. Abasiki bengqephu abasebancane kumele babone ukuthi uma usebenza kanzima konke kungenzeka, ungaphumelela. INingizimu Afrika inethalente elimangalisayo elingadonsa amehlo omhlaba. Sisuka ezikhathini ezinzima zohulumeni wobandlululo kepha ukufika kwentando yabantu kwavula iminyango eminingi. Ngifuna ukuba yingxenye yalabo bantu abangqongqoza kuleyo minyango ukuze kuvuleke amathuba.”
Yize aziwa ngokusebenzisa imibala egqamile emisikweni yakhe kepha yena uhlale egqoke umbala omnyama kanti nezibuko zelanga ezimnyama nazo azisali.
“Ngingagqoka noma yimuphi umbala noma yini kepha ngazithathela mina isinqumo sokuthi ngingavuki ekuseni ngiqale ngicabange ukuthi ngizogqokani. Ngimelwe wumsebenzi, ngibhekwe kuleli nakwamanye amazwe, wokuthi minyaka yonke ngikhethe ukuthi yimiphi imbala ezoshisa izikhotha ngesizini elandelayo. Lokho nje kukodwa kwanele,” usho kanje.
Umyalezo wakhe entsheni nakubasiki bengqephu abasathuthuka uthi akumele bavumele izimo abakuzo zibavimbele empumelelweni yabo.
“Angiyiboni indlela engakhuliswa ngayo njengeyayinzima kodwa ngiyibona njengezinye izinto ezibambe iqhaza elibalulekile empilweni yami. Ngathatha isinqumo sokuthi ngeke ngize ngibe omunye umsiki wengqephu nje owaya ekolishi kepha ngangifuna ukwaziwa emhlabeni jikelele,” kusho lo msiki wengqephu owakhulela elokishini laseGoli iVosloorus.
“Konke kungenzeka uma nje uzimisele uzitshela nasenhliziyweni nasengqondweni. Omunye umuntu owaba neqhaza empilweni yami nguNelson Mandela, insizwa yaseQunu eyagcina isidume, ihlonishwa umhlaba wonke.”