N GOKwemiphumela yocwaningo olukhishwe izolo, iningi lamadoda eNingizimu Afrika lisengcupheni yokukhophozelelwa yinduku ngenxa yokuzinikela ezimbizeni zikaFaro.
Ucwaningo luthole ukuthi u-44% wamadoda usengcupheni yokukhophezelelwa yiphobana, kusho abakwaPharma Dynamics, inkampani eyenza amafuzamuthi neyenza imithi ebhekene nezifo zamadoda.
Inhlolovo eyenziwe emtholampilo ithi ukuphuza okujwayelekile kathathu noma kweve kungayenza induku ikhophoze.
“Umcabango othusayo ngenxa yokuthi angaphezu kuka-31% amadoda aseNingizimu Afrika aphuza amagilasi angaphezu kwesihlanu otshwala ngesonto bese kuthi u-13% okungenani uphuza amagilasi amathathu njalo ngesonto.’’
Kulolu cwaningo olwenziwa ngoJuni nangoJulayi nonyaka angaphezu kuka-500 amadoda aneminyaka engu-18 kuya kwengu-55 abephonswe imibuzo.
Ngokombiko we-World Health Organisation othinta ezempilo notshwala, iNingizimu Afrika ihamba phambili ngasekuphuzweni kotshwala.
UMnuz Tumi Motsei okhulumela iPharma Dynamics, uthe lokhu akuchazi ukuthi amadoda sekumele abuyeke utshwala kodwa kumele akhumbule ukuthi inkonzo yasekamelweni notshwala yizinto ezimbili okunzima ukuzilinganisela.
“Amadoda asephuzile engalangazelela ukuya ocansini kakhulu kodwa utshwala buyayikhinyabeza indlela abenza ngayo embhedeni.
“Isibindi singakwazi ukumelana notshwala obuphuzwe emuva kwehora nakhona okuyigilasi. Lokho kuchaza ukuthi uma uphuza njalo utshwala bungagcina sebuthuntubeza izitho zomzimba,’’ kusho uMotsei.
Amadoda agxile kakhulu otshwaleni anamathuba angu-60%-70% okuhlaselwa yizinkinga zocansi.
Ngokocwaningo emadodeni angu-10 aseNingizimu Afrika, amane anale nkinga yokuthuntubezeka.
Amadoda anale nkinga anamathuba amaningi okuthi abenesifo senhliziyo, u-10% ube nesifo sohlangothi bese kuthi u-20 % ulaliswe esibhedlela ngenxa yesifo senhliziyo.
“Empeleni lezi zimpawu ziyakuxwayisa ukuthi ungase uzithole usunesifo senhliziyo.
“Lesi sifo sidalwa yinkinga yemithambo esuke iqale eminyakeni edlule bese kungena noshukela,’’ kusho uMotsei. – Sapa