PHUMLILE NTSELE
I NGONYULUKA yeqiniso ngokungethembeki nokungaziphathi kahle kwingoduso yakhe kumvulele inhlanhla owesilisa waseMlazi okuthe esexolisa ngamaphutha akhe babuyelana nesithandwa sakhe maqede wawina umncintiswano womshado wenani lika-R200 000 esiteshini somsakazo iVuma 103 FM.
Zizowushaya ngomhla ka-28 kule nyanga emcimbini ozobe uwubukhazikhazi endaweni yomntakabani eSt Ives, eHowick.
Injabulo beyibhalwe emehlweni kuMnuz Njabulo Majola waseMlazi nengoduso yakhe uNksz Slindile Ndlovu naye waseMlazi abathi bavele baphelelwa ngamagama ngesikhathi umsakazi wohlelo lwasekuseni uLinda “ Mr Magic” Sibiya ebazisa lezi zindaba bukhoma ohlelweni lwakhe i Kwasa Breakfast Show, ngoLwesihlanu.
“Namanje angikakholwa ukuthi udaba lwami ebengizitshela ukuthi lungase lungifakele isigcwagcwa kumajaji yilona olungakhele ugazi lwengeza namaphuzu ami. Indaba yokungethembeki ebudlelwaneni iyabacasula abaningi futhi yisihloko esibucayi kodwa ngenxa yokuthi ngazehlisa, ngavuma iphutha ngibone kukuhle ngikhulume ukuze nabanye bafunde odabeni lwami,” kusho uMajola.
Uthi kwathi ingoduso engunina wezingane zabo ezine seyimxolele yamemukela empilweni wangenela umncintiswano engazitsheli ukuthi angahlabana.
Ephawula uNksz Ndlovu, uthe yize sekwenziwe konke ngelobolo nokunye kodwa bekuthi uma becabanga ngezindleko zomshado kudume amakhanda.
“Mina ngikholelwa kakhulu emthandazweni. Ngesikhathi sezivunguvungu ngakhetha ukuqina kuwona zase ziyenzeka izinto. Yize bese sicabangile ukushada ekuqaleni konyaka ozayo kodwa bekungeke kube yilesi siphihli esizoba naso.”
Ebabongela uLinda, uthe amajaji ahlabeka umxhwele kakhulu ngesiphetho sothando lwalaba ababili.
“Udaba lwabo siyalwazi sonke singamadoda futhi iningi lethu sidlulile kulesi sigaba kodwa okubalulekile ukuma ndawonye ekugcineni ninqobe, ngiyababongela,” kusho uLinda.
Isikhulu sezokukhangisa kulesi siteshi uNksz Masechaba Zamisa sibongele lezi zithandani naso sahamba emagameni kaLinda.