NQOBIZIZWE ZWANE noMHLENGI SHANGASE
U MNDENI kaSolwazi Aaron Mseshi Ndlovu, (osesithombeni) owayengumphathi owadonsa isikhathi eside eMangosuthu University of Technology (MUT) uthi umxolele ngamaphutha awenzile empilweni.
UNdlovu ungcwatshwe ngumndeni nezihlobo njengokwesifiso sakhe epulazini eScourt izolo.
Enkonzweni yesikhumbuzo ebisehholo iKing Bhekuzulu eNyuvesi yaseZululand, oNgoye ngoMgqibelo, indodana yakhe uMlu ithe bewumndeni bayamxolela ngamaphutha.
Yize engazange awabalule lawo maphutha kodwa uthe uyise ubeyisibonelo esihle futhi engumuntu oqinisa ikhanda uma ekholelwa kokuthile.
“Siyamxolela ngakho konke akwenzile, ubengumuntu naye eqhuzuka. Ubeyilwela into abekholelwa kuyo. Ziningi nezinto azenzele i-MUT. Isifiso sakhe bekuwukuthi angcwatshwe epulazini lakhe. Siyaziqhenya ngezinto ezinhle azenzile,” usho kanje.
UMfu Sithole (igama elingatholakalanga) uthe waba nengxoxo noNdlovu ngaphambi kokuba ashone lapho ajabula uma ezwa ukuthi izingane zimxolele.
“Saxoxa noNdlovu ngaphambi nje kokuba ashone. Wajabula ukuzwa ukuthi izingane zakhe zimxolele.”
Enkonzweni yesikhumbuzo bekunedlanzana nje labantu ebelingafikile ngisho ekhulwini.
IPhini likaNgqongqoshe le-Telecommunications, uSolwazi Hlengiwe Mkhize, lithe uNdlovu wayengasabi ukuphumela obala amele umbono wakhe.
USolwazi Mkhize uthe ngenxa yokuhlukana kwemibono ngaphakathi kwi-ANC wagcina ephume iqhubu waze wakhishwa eMUT.
“Waba yisisulu sezinkinga ngaphakathi kwi-ANC. Ubengumuntu obeyilwela inhlangano ebalelwa nabafundi abamnyama,” usho kanje.
UNdunankulu uMnuz Senzo Mchunu uthe ufunde lukhulu kuNdlovu ngoba akazange atshele umphakathi ngezinkinga ayebhekene nazo kwi-ANC.
“Akazange azisho esidlangalaleni izinkinga ayebhekene nazo. Ngalokho ngifunde lukhulu kuyena.”
USolwazi Nokwethemba Ndlazi, oyi-Dean yeFaculty of Natural Sciences, uthe ngesikhathi kuguqulwa ama-Technikons ebizwa ngama-University of Technology uNdlovu wabamba iqhaza elikhulu kulolu shintsho.
Uthe uNdlovu washaya phansi ngonyawo nangesikhathi kunesiphakamiso sokuthi kuhlanganiswe iMUT ne-Durban University of Technology wafuna izimele.
“Wabuye washaya phansi ngonyawo ukuthi kushintshwe igama leMangosuthu wathi uShenge wabamba iqhaza elikhulu kwakhiwa le nyuvesi. Yize ayengumuntu we-ANC kodwa akavumelanga ipolitiki ukuthi kushintshwe igama lenyuvesi. UNdlovu ubengashintshi kalula entweni uma esenqumile,” usho kanje.
Kuvele nokuthi uNdlovu uke wabanjwa yisifo senhliziyo ngoJulayi kodwa wasinda.