MINENHLE MKHIZE noZAKHELE XABA
I SILOMO somdlali we-Orlando Pirates, u-Oupa “Ace” Manyisa, sesidonswe ngendlebe ukuthi singalinge silaxaze eZimnyama ngaphandle kwezibusiso zika-Irvin “Iron Duke” Khoza ongusihlalo waleli qembu eligila izimanga ku-Caf Confederations Cup.
U-Andile “Sguda” Cele, owayeyihlikihla kuBucs, utshele Isolezwe ukuthi uManyisa kufanele ahambe ngendlela eqondile eParktown. U-Ace ugaqelwe yiMamelodi Sundowns efuna ukugadla ngaye emidlalweni yeCaf Champions League ngesizini ezayo. Sekunesikathi iSundowns imataniswa noManyisa, okumanje akakayivuseleli inkontileka nePirates ezophela ekupheleni kukaJuni.
“UManyisa akufanele ahambe kuPirates kungajatshulwe. Ethanda engathandi kufanele athole izibusiso zikasihlalo ukuze izinto zakhe zihambe kahle lapho eya khona. Uma ehambe kabi izinto zakhe ngeke zilunge. Buka umngani wami uTso (Bennedict Vilakazi) kwenzekani kuye,” kusho uCele owayegijima kuPirates eminyakeni edlule.
“Uyazi kwesinye isikhathi kunezinqumo okufanele uzithathe ngaphandle kokubheka imali. Uma engahlala kuPirates angagcina eseyingwazi yakhona. Ezinye izinto okufanele azibheke wukuthi iPirates imkhulisile.”
Impela uCele uyamvumela umlando ngalokhu akushoyo. UVilakazi washiya kuPirates izinto zakhe zangaphinde zalunga kwazise kuyimanje usathanda ukudlala kodwa iqembu akalitholi. UTso waqoka ukusayina kuMamelodi Sundowns esebuya phesheya kwezilwandle. Kwavela ukuthi iPirates yayifuna ukumsayinisa kodwa wayiziba. UVilakazi useke waphumela obala ngokuthi wayefuna ukubuyela kuPirates kodwa yahudula izinyawo ekubeni ngaleso sikhathi wayewudinga umsebenzi ukuze ondle izingane zakhe.
Abanye ababhedelwe yizinto emuva kokushiya kuPirates kungajatshulwe ngu-Innocent Mdledle osenyamalele ebholeni lakuleli, Lebohang “Cheese Boy” Mokoena owukudla kwebhentshi kuSundowns, Teko Modise, Steve Lekoelea nabanye. Bonke bashiye ngaphandle kwezibusiso zikaKhoza.
“IPirates ingalimala kakhulu uma uManyisa engahamba. Useqophelweni eliphezulu futhi uyenza iphile iPirates. Ukuhamba kwakhe kungavula enkulu imbobo. Ukwazi ukwenza izinto eziningi. Muhle uma ephethe ibhola, uyawashaya amagoli, uyawakha kanti unemijiko eya phambili. Enjalo nje uyakwazi ukudlala noma ibhola selingasekho ezinyaweni okufakazelwa wukuthi uyakwazi ukuyibamba ngakwesokudla emuva,” kusho uCele.
“Ngesikhathi sethu kwakungcono ngoba babebaningi abadlali ababegijima le ndawo yakhe. Kwakukhona uThabo Mngomeni, Godfrey Sapula, Dumisa Ngobe, Tso nami,” kusho uCele.
UManyisa (26) ukhushulelwe eqenjini iPirates elikhulu ngo-2008 esuka esikhungweni esithuthukisa abadlali.