MTHOKOZISI MNCUSENI
U KHOMBISA ukuthi usephonse ithawula emizameni yakhe yokugcina uKnowledge Musona umqeqeshi weKaizer Chiefs, uStuart Baxter, ozwakalise ukuthi sekunabadlali abathathu ababhekile ukuvala isikhala somgadli waseZimbabwe uma kuwukuthi uqoma ukuhamba ekupheleni kwesizini.
Ekuqaleni konyaka uMusona kuvele ukuthi usendleleni ebheke eqenjini lakhe laseGermany i-TSG Hoffenheim okuyilona elimbolekise kuChiefs. Ukusho lokhu ephephandabeni lasezweni adabuka kulo lapho eveze khona ukuthi okumbuyisele eNingizimu Afrika wukuthi azobuyisa ukuqalaba kwakhe.
“Inhloso yami enkulu ngokubuyela kuChiefs bekuwukuzobuyisa ukuzethemba kwami okungilahlekele ngiseGermany. Ngeke ngikufihle ukuthi ngiyayithanda iChiefs futhi nokuyisiza bekukhona emqondweni wami kodwa eGermany kulapho ngibuyela khona ekupheleni kwesizini ka-2013/2014. Ngikhulile ngokomqondo. Nakuba izinto zingazange zingihambele kahle eGermany ngikholwa wukuthi sengikulungele ukubhekana nezingqinamba zakhona,” usho kanje ku Daily News Live yaseZimbabwe ngasekuqaleni konyaka.
UMusona ubesayine kuHoffenheim ngo-2011 esuka kuyona iChiefs kodwa ngokubheda kohlelo iminyaka emibili ubuyele kuMakhosi lapho athathwa khona njengeqhawe ngenxa yezinto azenzele iqembu ngaphambi kokuthi ahambe.
Ngokusho kukaBaxter ikusasa likaMusona lisezandleni zakhe kodwa yena useqalile uthungatha abadlali angase avale ngabo isikhala uma (uMusona) egcina ebuyele eGermany.
“Asekhona amagama abadlali esinawo uma kwenzeka uMusona eqoma ukubuyela eqenjini lakhe laphesheya. Nakuba kunjalo sinethemba lokuthi ngeke kudingeke ukuthi sibalande laba badlali esibabhekile. Kukhona owangaphandle kanti nowaseNingizimu Afrika ukhona. Ngeke ngiwasho amagama abo ngoba isikhathi asikavumi. Singathanda ukuthi uMusona aqhubeke adlale kithina ngoba uyasazi kanti nathi siyamazi. Yize kunjalo kodwa ebholeni sonke siyazi ukuthi izinto azenzeki ngendlela ofisa ngayo ngaso sonke isikhathi,” usho kanje uBaxter kwenye yama-website ebhola adume umhlaba wonke, i-www.goal.com.
IChiefs inomdlalo obalulekile ngeSonto lapho izobhekana ne-Asec Mimosas yase-Ivory Coast koweCaf Confederations Cup, eDobsonville Stadium, ngo-3 ntambama. Ngemuva kwalo mdlalo izobhekana neBidvest Wits kowe-Absa Premiership ngoLwesithathu ebusuku.
Izobe isilibangisa e-Ivory Coast lapho izodlala umlenze wesibili weConfederations Cup ngempelasonto ezayo. NgoMeyi 3 igadulisana neWits emdlalweni we-semi final yeNedbank Cup, eBidvest Stadium.
Imidlalo ye-Absa Premiership:
Kusasa: Maritzburg United v Ajax Cape Town (Harry Gwala Stadium, 6pm)
NgoMgqibelo: SuperSport United v Bidvest Wits (Lucas Moripe Stadium, 3pm); Platinum Stars v Golden Arrows (Royal Bafokeng Stadium, 3pm); Moroka Swallows v Mamelodi Sundowns (Dobsonville Stadium, 6pm)
NgeSonto: AmaZulu v University of Pretoria (Moses Mabhida Stadium, 3pm); Mpumalanga Black Aces v Plokwane City (Kanyamazane Stadium, 3pm)
NgoMsombuluko: Bloemfontein Celtic v Orlando Pirates (Free State Stadium, 3pm).