NONTUTHUKO NGUBANE
AKAZISOLI owesifazane owashiya phansi umsebenzi wokuba wuthisha walandela iphupho lakhe lokwenza umsebenzi wezandla nokubhala izincwadi nezinkondlo.
UNkk Irene Myingwa waseGamalakhe, ePort shepstone, wayefundisa eSiphakamile Primary, wakhetha ukuyeka ngo-2009 ukuze abhale izincwadi nezinkondlo aphinde enze nomsebenzi wezandla.
UMyingwa kumanje wenze ama-frame agaxwa odongweni asuke efakwe phakathi inkondlo ayibhale yena nesithombe somuntu noma into asuke ebhale ngayo.
Unezincwadi eziyisishiyagalolunye azibhalile, ezine zazo zidayiswa ezitolo. Kulezo zincwadi kukhona esematheni ethi: Restoration of the loss foundation(esihunyushelwe esiZulwini kwathiwa Sibuyisela isisekelo esilahlekile).
“Ngakhetha ukuyeka umsebenzi wokuba wuthisha emuva kokuwenza iminyaka engu-30. Ngangifuna ukulandela iphupho lami lokuba wumbhali nokwenza umsebenzi wezandla esengigxile kuwo kumanje. Empeleni ngaqala ngibhala izinkondlo njengesipho, ngizinikeza abantu. Umsebenzi wami wabonwa ngenye inkosi yacela ukuba nayo ngiyibhalele inkondlo bese ngiyifaka isithombe sayo ngiyihlanganise kahle kwi-frame, ukuze izobekwa enkantolo yayo. Emuva kwalokho baba baningi abase befuna okufanayo,” kusho uMyingwa.
Uthe yize umsebenzi wokubhala izincwadi uhamba kancane, ikakhulukazi ngasohlangothini lokudayisa kodwa uzimisele ukuqhubeka abhale. Phakathi kwezincwadi zakhe ezine ezidayiswa kwa-Adams azibhala kukhona ethi: Inspirational poem, Reviving your mind set nethi I am wonderfully made.
Uthe iningi lazo bake bacele ukuthi zishicilelwe nakwezinye izilimi.
Phakathi kwemisebenzi aseke wayenza wukubhala inkondlo ngoMengameli Jacob Zuma wabe eseyifaka ohlakeni wahlanganisa nesithombe sakhe. Uthe ufisa ngelinye ilanga ukuhlangana naye ukuze amuphe lesi sipho.
“Sebebaningi abaholi bomphakathi ngibenzela isipho esinje. Phakathi kwabo kubalwa uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Senzo Mchunu, nenkosikazi yakhe. Amakhosi ahlukene ngiwenzele ngisho nomlando wezizwe zawo. Isifiso sami wukuba ngibonane noZuma ukuze ngimnikeze lesi sipho,” kusho yena.