BONGIWE ZUMA
UKUSEBENZELA inkampani enemikhakha eminingi kuyasiza ngesinye isikhathi ekwandiseni isipiliyoni nokuqeqesheka emakhonweni ahlukene nokwenza kungakuciki ukuhlala enkampanini eyodwa ngoba usuke uchusha eminyangweni eyehlukene.
Lokhu kuvezwe nguNksz Sibongile Mpinga waseThembisa kodwa ohlala eKempton Park, eGoli oyiMake-up Artist neProduction Secretary eTalk About It Video Production osekuphele iminyaka engaphezulu kweshumi enza lo msebenzi.
UNksz Mpinga waqashwa kule nkampani ebhekelele imisebenzi yabaculi ngo-2003 ezosebenza ehhovisi kodwa wazikhandla ngokufunda neminye imikhakha eceleni wagcina eseyiMake-up Artist.
Uthe wayekhona owayeqashelwe ukwenza lo msebenzi kodwa wagula ngosuku okwakumatasa kakhulu ngalo kwadingeka aye kudokotela engekho nomunye umuntu ongatholakala ngokushesha wazijuba yena.
UNksz Mpinga uthe ngalelo langa kwakungeyena umculi oyedwa owayedinga ukuphaqulwa kepha kwakuyiqembu iSoweto Gospel Choir nokwenza washaywa uvalo oluncane ngoba wayengawu-fundele lo msebenzi kodwa ehlale ebona wenziwa ngabanye asebenza nabo.
Uthe ukuliphaqula kahle leli qembu kwamvulela iminyango kulo mkhakha njengoba esephaqula osaziwayo kuyona le nkampani.
“Ngangihlale ngimbona uzakwethu uma esebaphaqula abantu nengicabanga ukuthi yikho okwenza kwaba lula kakhulu ngelanga engaphaqula ngalo iSoweto Gospel Choir yize ngangithukile. Emuva kwalokho ngathatha isinqumo sokuyofunda ngenza iBeauty Therapy ngoba ngazibona nginelinye ikhono futhi sekushoda ngaphakathi. Njengamanje ngisebenza njengeProduction Secretary ngiphinde ngiqashwe njengeMake-up Artist nokwenza ngihlale ngiphumela ngaphandle uma kwenziwa ama-video osaziwayo,” kusho uNksz Mpinga.
UNksz Mpinga usenenqwaba yosaziwayo abaphaqulwa nguye okubalwa uWinnie Mashaba, Rebecca Malope, Sipho Makhabane, Thobekile Mkhwanazi nabanye.
Ngaphandle kwabaculi abazimele uphinde aphaqule namaqembu aziwayo okubalwa kuwona iNcandweni Christ Ambassadors, Avante namanye akwamanye amazwe angomakhelwane neNingizimu Afrika.
UNksz Mpinga uthe noma ngabe sekuthiwani ngeke awuyeka umsebenzi wokuphaqula osaziwayo ngoba uvame ukuthola abaculi bowokholo kwazise naye uyikholwa.
Uthe uzizwa esekhaya kwiTalk About It Video Production.
Enye into ayivezile wukuthi lolu hlobo lomsebenzi ngeke kufike isikhathi lapho lushoda khona ngoba abantu bahlale beziphaqula befuna ukuba bahle njalo.
UNksz Mpinga uphethe ngokuthi abesifazane abathanda lo msebenzi bangawenza ngoba awukhethi ngisho neminyaka wonke umuntu othanda ukuwenza uma enekhono nothando lwawo angaqala njengaye afunde komunye umuntu.