CELANI SIKHAKHANE
U MHOLI webandla lamaNazaretha, iNazarites Church of God ePinetown, uMfundisi Mthembeni Mpanza, usephumele obala weseka inkulumo yomholi waseBuhleni uMnuz Mduduzi Nyazilwezulu Shembe yokusola abesilisa abathandana nabobulili obufana nobabo.
UMpanza owaqembuka eBuhleni, uthe ukuhlaselwa koNyazi ngokuphikisana kwalo nabantu abalalana nabobulili obufana nobabo akwamukelekile ngezizathu eziningi.
Ubesho kanje encwadini ayibhalele leli phephandaba nalapho ebecaphuna khona namavesi aseBhayibhelini asekela ngawo inkulumo yakhe yokuvumelana noNyazi ngokusola kwalo abesilisa abayizitabane, ethi yile ndlela asebephila ngayo edala iziqalekiso ezibandakanya nesomiso esihlasele kuleli.
UMfundisi uMpanza ubuye wagxeka umholi webandla lamaNazaretha eGoli inkosi uPhakama Shembe yena ophumele obala wagxeka uNyazi.
“Okokuqala kumele njengamabandla amaNazaretha sikugweme ukuhlaselana ngenhloso yokugqamisa ukuzondana namhla lokho kuhlaselana kungenasidingo. Le nkulumo evele ephephandabeni Isolezwe okuthiwa ishiwo yinkosi uPhakama ekhombisa ukweseka izitabane, iyihlazo ebandleni lamaNazaretha ngoba ihlambalaza iphinde iphambane nezimfundiso zomphrofethi owathi abantu bobulili obubodwa abangaganani ngoba lokho kuyisono. Okokuqala baningi abefundisi abangamaKrestu abaphumela obala bawuhlaba lo mkhuba wobungqingili omunye wabo kwaba nguMfu Vusi Dube oyilungu lesiShayamthetho eKZN. Ngisho uMengameli wezwe uMsholozi useke waphumela obala wawugxeka lo mkhuba wobungqingili,” kusho uMpanza.
NgoMgqibelo uNyazi lwalwethula intshumayelo yalo esigodlweni esiKwaNongoma, eNyokeni kukhona iSilo noNdunankulu wesifundazwe uSenzo Mchunu emkhulekweni woMkhosi woSelwa.
Entshumayelweni yalo eyayinanelwa ngo-Amen omkhulu, lwaveza ukuthi kuningi okwenziwa abantu okuphambene nomyalelo kaThixo njengokuthi abantu mabazalane bande kodwa manje amadoda aseganana wodwa.
Lwakhala ngokuthi lokhu kuphambene nomyalelo kaThixo futhi yikho okuyimbangela yesiqalekiso sesomiso esihlasele ezweni nelanga elishisayo, lwaze lwathi uThixo wayibhubhisa iGomora neSodoma.
Udaba selubikwe kwiHuman Rights Commission kanti oyikhulumelayo uMnuz Javu Baloyi uthe akukho okuningi abazokuphawula okwamanje kodwa basazoxhumana nezinhlaka zabo zomthetho ngoba udaba selubikiwe kubo.
UMpanza uthe ngisho uJesu angabuya namhlanje kodwa uyofike aphikisane nobungqingili.
Ube esecaphuna izincwadi ezahlukene eBhayibhelini waqala ngoGenesis 19:13, Levi 18:20: “Ungalali nowesilisa njengowesifazane, kuyisinengiso,”
AbaseKorinte 6:9: “Kepha anazi yini ukuthi abangalungile abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu na? Ningadukiswa nazifebe, nabakhonza izithombe, neziphingi, nezihlobongo, nabesilisa abalalanayo.”
AbaseRoma 1:26-27: “UNkulunkulu wabayekela ngaso lesi sizathu, baye bangena nyi ekulabathekeni okuyichilo. Nabesifazane babo baguqula ubulili babuphambanisa nemvelo, balalane bodwa. Kanjalo nabesilisa bayeka umkhuba owejwayelekileyo owenziwa kwabesifazane, babhoka ngokukhanukelana bodwa, amadoda alalana namadoda, bese bezibangela emizimbeni yabo isijeziso esilingana nokonakala kwabo,” kusho incwadi ebicashunwa uMpanza.
Imizamo yokuthola uNksz Nonhlanhla Mkhize wenhlangano elwela abathandana nabobulili obufanayo ayiphumelelanga ngoba iselula yakhe ibikhala isikhathi eside ingabanjwa kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.