NONTUTHUKO NGUBANE
UNENHLOSO yokuthuthukisa abantu baKwaZulu-Natal ikakhulukazi abesifazane uNkk Thuli Galelekile osanda kuthola isikhundla sokuba yiMenenja yezokuXhumana nokukhangisa kwezokuthuthukiswa kwezimali ebhange iThala.
UThuli (40) uzakhele igama kwezokukhangisa nakwezamabhizinisi, uthi kuningi ahlose ukukwenzela abantu baseKZN ukuze bezothuthuka kwezezimali.
Kuleli sonto usanda kuhlomula ngomklomelo kwiCorporate Category kwiBusinesswomen’s Association of SA Regional Business Achievers Awards.
“Ngizinikele kakhulu ekusizeni abantu baKwaZulu-Natal ukuba bakwazi ukufeza amaphupho abo ikakhulukazi labo abavela ezindaweni zasemakhaya.
“Kusemqoka ukuba nolwazi ngezindaba ezithinta imali ukuze uzokwazi ukuzithuthukisa,” kusho uThuli.
Lo wesifazane uneziqu zokuxhumana nokukhangisa azithola eNyuvesi yaKwaZulu-Natal (UKZN) futhi unamava kulo mkhakha.
Uke wasebenzela iStandard Bank ngaphambi kokuthi aqashwe eThala.
UThuli uyaziwa nasendimeni yezemfundo njengoba eke wafundisa ezokukhangisa nezomthetho ezithinta ukuthengiselana e-ICESA eCity Campus.
Uphinde wasebenza e-Unilever lapho ayengumphathi wokukhangisa iSunsilk.
Ngesikhathi eseGoli ubesebenza kwezinye izinkampani lapho ebephethe ezokukhangisa e-Afrika yonke.
NgoJuni 2014 waqala ibhizinisi lakhe lokudayisa izimbali i-Orchida Florist eliphethwe ngunina uNkk Nkosinathi Zulu.
“Izimbali azilona ibhizinisi kuphela nje kodwa ziletha ukujabula empilweni yomuntu nokwenza ngilithande,” usho kanje.
Lo somabhizinisi yize ematasa ngomsebenzi wakhe uyasithola isikhathi sokuba nomndeni wakhe.
“Nginabafana ababili futhi ngishadile noMnuz Ernest Galelekile. Sesineminyaka engu-10 sashada. Ngiyaba naso isikhathi somndeni wami njalo ntambama uma sengiphumile emsebenzini noma ngezimpelasonto. Ngiyaqikelela ukuthi ngiyaya esikoleni sezingane zami uma kunezemidlalo nokunye. Kubaluleke kakhulu ukuchitha isikhathi nomndeni,” kusho uThuli.
Uthe yena nomyeni wakhe banemikhankaso lapho bethuthukisa khona umphakathi ngokulekelela abafundi abasebancane.
Banohlelo olubizwa ngePROTEC Tertiary Preparedness Camp lapho beyala khona abafundi abasuke bezoqala ezikhungweni zemfundo ephakeme.
Isiqubulo sakhe empilweni sithi: “UNkulunkulu wakunikeza umqondo ngesizathu, ngakho wusebenzise.”