NOKUBONGWA PHENYANE
I KHALE ngaphansi imidlalo ewuchungechunge ebibhekwe ngabomvu emcimbini wamaSouth African Film and Television Awards (Safta) ngemuva kokuthi umdlalo i- 7de Laan uhambe nendondo ebivotelwa umphakathi.
Lo mdlalo ukhonjiswa ngoMsombuluko kuze kube uLwesihlanu kuSABC 2 seligamenxe elesithupha ntambama.
Abantu abaningi bebethiphe Isibaya, Isidingo ne The Wild ukuthi omunye wale midlalo kube iwona odla umhlanganiso.
Kodwa ngokwamavoti abantu bakhombisile ukuthi umdlalo ogxile ekukhulumeni ulimi lwesibhunu yiwona osahamba phambili kuleli.
I- 7de Laan ihambe nale ndondo kuphela kulo mcimbi kodwa Isibaya sicishe senza esakwenza emcimbini wamaRoyalty Soapie Awards ayeseThekwini ngenyanga edlule njengoba sihambe nezindondo ezintathu.
UThembi Nyandeni odlala indawo kaMkabayi Zungu uhambe nendondo yeBest actress TV soap emdlalweni Isibaya kanti uzakwabo uSiyabonga Twala uhambe nezindondo ezimbili kulo mcimbi njengoba ethole eyeBest actor TV soap emdlalweni Isibaya wathola neyeBest supporting actor in TV drama emdlalweni i- Intersexions.
Isibaya siphinde sathola indondo yomdlalo obhalwe kahle.
Umdlalo i Scandal uhambe nendondo emkhakheni weBest ensemble TV Soap.
Ifilimu yocansi okwasuka umsindo ngayo eyagcina ivaliwe ngosuku okwakumele iqale ngalo ukukhonjiswa, i- Of Good Report, nayo izidlele amahlanga kulo mcimbi.
Le filimu ihambe nezindondo ezinhlanu okukhona kuzo eyeBest Feature Film, Best Writing Team of a Feature Film neBest Director of a feature Film.
Umdlalo u Muvhango awungenelanga kulo mcimbi kulo nyaka njengoba iphephandaba lesiNgisi eliphuma njalo libike ukuthi ababhali balo mdlalo bathathe isinqumo sokungangeni ngomzuzu wokugcina.
Ngisho umlingisi walo mdlalo uSimphiwe Ngema odlala indawo kaThuli naye uthole umyalelo wokuthi angabe esaya ukuyothula indondo njengoba ebezoba ngomunye wabebezothula izindondo.
UMfundi Vundla ongumsunguli we Generations ngesikhathi ekhuluma ne Solezwe ngokuvela kanye ohlwini lwalezi zindondo wathi yena ukube kuya ngaye ngabe i Generations ayisazihlanganisi nalo mcimbi.
Umcimbi omkhulu walo nyaka ubuseGoli wethulwa ngusomahlaya uTumi Morake no-Alan Committie. Obemukela izihambeli kukhaphethi obomvu bekuyintokazi uBonang Matheba.
Kweminye imikhakha kuhambe kanje:
Best Writing Team of a TV Soap
Writing Team ( Isibaya)
Best TV Drama
Intersexions
Best Actress in a TV Drama
Tina Jaxa onguNokuthula kwi- Intersexions
Best Supporting Actor in a TV Drama
Akhumzi Jezile onguNgulube kwi Tempy Pushas
Best Supporting Actress in a TV Drama
Harriet Manamela onguMeike Maputla kwi Skeem Saam
Best Director of a TV Drama
Libby Dougherty noTebogo Malope be Tempy Pushas
Best Writing Team of a TV Drama
Athos Kyriakides noThuso Sibisi be Room 9
Best TV Comedy
ZA News