SIZWE BLOSE noBONISWA MOHALE
C OMRADE Bae, Peoples Bae, My Bae. Ngamanye amagama lawa ezimteketisa ngawo ezinkundleni zokuxhumana izintokazi umkhulumeli we-EFF uMnuz Mbuyiseni Ndlozi.
UNdlozi uphenduke isilomo kwabesifazane kulezi zinsuku abangafihli ezinkundleni zokuxhumana ukuthi bayazifela ngaye futhi zingenza noma yini ukuhlangana nalo mholi oyilungu lePhalamende.
Lezi zintokazi zithi yize engakami ekhanda futhi eseke wagconwa nangumholi weSAPC uBlade Nzimande besePhalamande ngokuthi akawashintshi amasokisi, zikushaya indiva lokho.
Zithi zichazwa yindlela abukeka ngayo, wukumamatheka kwakhe uma eseveza uthotho lwamazinyo, kepha ngaphezu kwakho konke wubuhlakani abukhombisa uma ekhuluma nangokuzigqaja kwakhe ngokuba ngumAfrika.
Yize zizifela ngaye futhi zimncoma kangaka izintokazi uNdlozi, kepha yena akakunakile konke lokho.
Ephawula kuFacebook uNoxolo uthe uNdlozi umthanda noma angagqoka i-avaloni njengoba ePhalamende kuvame ukuthi kugqokwe amasudi nemiswenko.
UNomzamo Ngcobo uthi uma ekhumbula ukuthi wake wakhuluma naye kuvele kube sengathi angakhuluma izilimi.
U Nhlanhla Khumalo ukhale ngokuthi ngisho uNkulunkulu waba netiye ngesikhathi ebumba le nsizwa.
USuperwoman kuTwitter uthe uyashisa, waze wafaka isithombe sikaRebecca esinombhalo othi ‘mshayeleni izandla’.
Imbongi yodumo uNtsiki Mazwai nayo ingomunye ‘wabahlanyiswa’ wuNdlozi njengoba naye eke wabhala eqondise kuyena wathi ‘ngowethu sonke’.
UMaranga Setshwaelo wo Zalo uthe uthanda izinkulumo zakhe uma eseshaya ozakwabo ePhalamende.
UNyakallo Lephoto uphume eceleni wathi uphatheka kabi uma bebiza uMbuyiseni ngoPeoples Bae, wakhala ngokuthi kungani bengancomi yena ngoba ungowesilisa obukekayo.
UThug With Dimples uncokole wathi ngisho noJulius Malema noFloyd Shivambu baba nomona uma bebuka leli geza elinguMbuyiseni.
USindi Van Zyl uthe iPeople Bae kumele ithole indondo.
Ethintwa uNdlozi uthe uyaqala ukuyizwa le ndaba yokuthi abesifazane bayazifela ngaye.
“Mina angizibheki lezo zinkulumo ezishiwo ngabesifazane ezinkundleni zokuxhumana, ngisuke ngisebenza ePhalamende. Angiyena umkhangisi wengqephu noma igeza lensizwa, ngingumholi othunywe ngabantu ukubamela ePhalamende,” kusho uNdlozi kafushane engazimisele ngokukhuluma anabe ngalolu daba.
UNdlozi umatasa neziqu zePHD kwiPolitical Sociology lapho ecwaninga ngesihloko esithi Black Youth in the Vaal Since 1990.
Uzalwa e-Evarton, eVaal, eGoli ngo-1985. Uyilungu elincane kunawo wonke kwi-EFF.
Akaphawuli uma ebuzwa ngomuntu ahlekisana naye, akafuni nokusho ukuthi ukhona noma akekho.