FANELESIBONGE BENGU
S ILOKHU siqhubeke njalo ngokugadla ngezinhlelo ezintsha isiteshi seDStv iMzansi Magic njengoba sizokwethula i-drama entsha i-I t’s Complicated ngoJulayi 24.
IMzansi Magic etholakala kuChannel 161 inezinhlelo ezihehayo okubalwa kuzo Isibaya, Ayeye, Zabalaza, Our Perfect Wedding nezinye.
Khona manjalo, ikhuza ibuya i Saints & Sinners eyayikhonjiswa kuso lesi siteshi ngeSonto ebusuku.
Phakathi kwabanye, yayigabe ngoSdumo Mtshali, Tumisho Masha, Warren Masemola noTshepo Maseko.
Izindaba zivezwe nguThuso-Nokwanda Mbedu odlala indawo kaBoni Khumalo ofake izithombe ku-Instagram evela beqopha.
I- It’s Complicated, ezoqala ngo-7.30 ebusuku, igabe ngabalingisi okubalwa kubo uFikile Mthwalo (Ipeleng), Siyabonga Radebe (Thato), Thishiwe Ziqubu (Ntandokazi), Samela Tyelbooi (Mandisa), Motlatsi Mafatshe (Thabang), Pabi Moganedi (Matli), Atandwa Kani (Vumani) nabanye.
Ikhuluma ngempilo yabalingisi abayisikhombisa baseGoli ababhekana nezingqinamba zempilo bona besahlela okunye.
Indaba iqala ngo-Ipeleng obonakala esemanqika ngokuqhubeka nobudlelwano bakhe beminyaka eyisikhombisa nowesilisa olungile, uThato.
Unina uyamcindezala ukuthi ashade manje ngoba esaba ukuthi isikhathi siyahamba.
Ngakolunye uhlangothi kukhona intombazane yakwamakhelwane, uMandisa, oshiya phansi umsebenzi efuna ukufeza iphupho lakhe.
Isinqumo sakhe siba nomthelela ebudlelwaneni bakhe nesoka lakhe eliyiphanta ahlala nalo endlini, uThabang.
Akwaziwa ukuthi uthando lwabo luzoqhubeka yini.