MHLENGI SHANGASE
I ZOPHELA indlala yothisha abafundisa izifundo ezinzima iMaths, iSayensi nobuChwepheshe KwaZulu-Natal njengoba abafundi abahlwempu bethole ithuba lokuyofunda eTurkey ukuze babuye bengongoti kulezi zifundo.
Abafundi abangu-33 bazofulathela elakuleli ngoLwesine balibhekise eTurkey lapho bezozinza khona iminyaka emine nohhafu befundela ukuba ngothisha.
Akubona kuphela laba bafundi abazofunda ubuthishela eTurkey, abanye ababili bayofundela ubudokotela, oyedwa ayofundela ubuhlengikazi.
UNgqongqoshe wezeMfundo, uMnuz Senzo Mchunu wahambela eTurkey ngo-2011 eyobona uhlelo lwakhona lwezemfundo.
Kube sekuba nobudlelwano njengoba laba bafundi bethole uxhaso esikhwameni iHorizon Education Trust, yaseTurkey ezobakhokhela zonke izindleko zokufunda ulimi lwaleliya lizwe izinyanga eziyisithupha, indawo yokuhlala, ukudla, imali yokugibela, imali yokuphila, ukufunda kanti uMnyango uzokhokha izindleko zokuhamba belibhekise eTurkey.
“Into edingeka niyenze ukuthi niye eTurkey niphase, akukho okunye. Yithuba elingandele bani nami ngiyafisa ukuba ngalithola leli thuba,” kusho uMchunu etshela laba bafundi abahambayo eStar College, eWestville ngempelasonto.
Uthe akudingeki ukuthi basebenze eTurkey bazobuya bazotshala ulwazi ezikoleni zesifundazwe.
Okhulumela lesi sikhwa-ma, uMnuz Atilla Dag, uthe iTurkey yathathwa wusizi lwabafundi abahluphekayo yase ifaka isandla ukuze bafukulwe.
Uthe abafundi bebefaka izicelo, kutonyulwe labo abenze kahle kwaMatric bese bebahloma imibuzo bathathe labo ababadingayo.
“Sigxile kakhulu kulabo basemakhaya ngoba sifuna ukutshala ulwazi lwalezi zifundo ezinzima kulezi zikole uma sebebuya. Nyakenye sithathe abafundi abangu-11 abebeyokwenza imikhakha ehlukene okubalwa nowezobunjiniyela, ubudokotela neminye okumanje bafunda eTurkey,” usho kanje.
UNksz Pinky Chiliza waseMzinto, ongomu-nye wabaxhasiwe, uthe waphumelela uMatric ngo-2008 kanti wake walunguza e-Unisa enza iziqu zokufundisa.
“Kwashona ubaba, ngangakwazi ukuqhubeka ngifunde ngalahla nethemba kodwa imithandazo yami yaphenduleka uma ngizwa ngaleli thuba lokuyofunda eTurkey. Ngiyakuthanda ukufu-ndisa, impilo yami neyo-mndeni izoshintsha ngoba ngizokwazi ukubheka ikhaya,” usho kanje.
UMnuz Dag uthe okuhle ngalaba bafundi ukuthi uma bebuya bazobe sebezokwenza i-masters.