BONISWA MOHALE
U MDLALO wokugwedla omkhulukazi eNingizimu Afrika i-Unlimited Dusi Canoe Marathon awugxili ekuncintisaneni kuphela kodwa ubuye usize abantu abahlwempu abahlala eduze nalapho kuhanjwa khona abasuke bewungenele.
Kulo nyaka abagqugquzeli beDusi, eqale izolo, bafuna ukuqoqa u-R400 000 ukuze bawufake enhlanganweni esiza izingane ngezinsizakufunda enkulisa i-Unlimited Child, kusizwe inhlangano ehlenga izilwane i-SPCA naleyo egcina imvelo ihlanzekile i-Dusi Umngeni Conservacy Trust (DUCT).
Esitatimendeni esithunyelwe ngabe-Unlimited Dusi Canoe Marathon kwabezindaba, osaziwayo yibona abazobe begwedlela ukufaka imali esikhwameni sokusiza izingane ezingu-22 000 ezisafunda enkulisa.
Izingane ezisizakala kakhulu ngemali yeDusi yilezo ezihlala kwaXimba lapho kudlula khona abagwedli nezakwezinye izindawo ezingu-310 KwaZulu-Natal.
Ngokusho kuka-Unathi Msengana, umsakazi we-Metro FM ongenele umncintiswano, izingane zisuke zingakaze ziwabone amathoyizi nezileti zokubhala, ngakho uma zithola ukusekwa nazo zizokwazi ukufunda zifane nezinye.
“Ngilapha namhlanje ngenxa yokuthi ngafunda. Kuyintokozo kimi ukuthi namhlanje (izolo) ngizoqala ukugwedla ngenhloso yokusiza izingane eziphuma emphakathini oswele ngezinsizakufunda. Ngiyajabula nokuthi nazo zikhona ukuzongikhuthaza. ngiyethemba ngizowuqeda umjaho,” kusho u-Unathi ngesikhathi eqala i-Dusi.
Akusiye yedwa usaziwayo u-Unathi kodwa kukhona nabanye abasakazi o-Sias du Plessis, owenza ezemidlalo ku-5FM, Liesel van der Westhuizen we-KFM no-Damon Beard we-East Coast Radio.
Bathe ngesikhathi bethula uhlelo lokuseka izinhlangano ezisebenzela umphakathi ngo-2003 benza u-R60 000 kanti ngonyaka odlule benze u-R300 000 yingakho kulo nyaka benethemba lokuthi bazokwazi ukufinyelela ku-R400 000.