MCEBO MPUNGOSE
U MSAKAZI owunjiniyela wesiteshi somphakathi waseMpumalanga iMkhondo FM (98.6), uSbusiso Blessing Mhlophe, uthi ufuna ukuyibamba kuyo yomibili le mikhakha (owobunjiniyela nowokusakaza) ngoba kuyiphupho lakhe ukusebenza kuyo kanyekanye. USbusiso (23) okhulele eVryheid KwaZulu-Natal uneziqu zobunjiniyela kugesi. Ukhule enentshisekelo yokuba semsakazweni.
Uthe ube nenhlanhla ngo-2013 wathola ithuba lokungena emoyeni kuNewcastle Community Radio Station. Ngonyaka olandelayo wakwazi ukuphothula iziqu ze-Electrical Engineering. Nokho umsebenzi awuthola kuqala emva kwalokho waba semsakazweni futhi eseqashwa uMkhondo FM lapho ethula i Breakfast Show engena ngo-6 kuya ku-9 ekuseni phakathi nesonto.
“Bekuhlezi kuyiphupho kimi ukuba semsakazweni ngoba yinto engiyithanda kakhulu. Ukuthola ithuba lokuthi ngikwazi ukuxhumana nabantu kuchaza lukhulu kimi ngoba ngingumuntu othandayo ukupha abantu indlebe ngithole ulwazi kubo nami ngilekelele lapho engidingeka khona,” kuchaza yena. Uthe nakuba ewuthanda umsakazo, akakaze azivalele ekutheni ufuna ukuziphilisa ngawo kuphela.
“Ukwenza ugesi nakho bekuliphupho ngakho angizithelanga ngabandayo ngenkathi livela ithuba lokuthi ngiwufundele,” kuchaza uSbusiso ophothule uGrade 12 KwaNotshelwa High School. Nakuba le nsizwa isaneminyaka engemngakanani emsakazweni, isikwaze ukukhuluma nosaziwayo okubalwa kubo umlingisi we Sibaya uBheki Mkhwane, uNtandeyenkosi Kunene onguMiss SA, umrepha uK.O, DJ Tira, umholi weDA uMmusi Maimane nabanye.
“Kubasakazi okuyibona engibukela kubo kakhulu ngingabala le nsizwa eku YFM uDJ Sabby, Linda Sibiya noDJ Sgqemeza. Nginesifiso sokuthi ngelinye ilanga ngisebenze kwiGagasi FM, Vuma FM noma kuRise FM okuyimisakazo engiyithandayo,” usho kanje.
Uthe enye yezinto angathanda ukuzibona zenzeka kuleli esikhathini sanamhlanje ukuthi abantu babuyelwe yinhlonipho nesimilo ikakhulukazi njengoba ziningi izinto abantu abadlula kuzo emhlabeni. Uthe uma engasebenzi uthanda ukuhlala ‘namajita’ kosiwe babuke ibhola, abheke ukuthi iqembu alithandayo iSundowns lishaya bani njengoba livutha lingabaselwe kulezi zinsuku.