VUYO MKHIZE
A BADAYISA ngomzimba eGauteng bakhiphele ukudinwa kwabo esiShayamthetho sesifundazwe bekhala ngabakubize ngokuxhashazwa nodlame olubhekiswe kubo.
Laba baqwayizi bebezikhulumela bona mathupha noSomlomo uNkk Ntombi Mekgwee bekhala ngokuthi umsebenzi wabo uyacwaswa. Bathi uma umsebenzi wabo ungathathwa njengosemthethweni, kungaphela ukuxhashazwa kwabo, bangakwazi nokuthi bavule amacala uma behlukunyezwa bakwazi futhi nokuhlinzekwa uma kwenzeka beyeka emsebenzini wabo wokuqwayiza ohlelweni lwe-Unemployment Insurance Fund.
Obemele laba baqwayizi uPalesa Mokoena ukhulume kabanzi ngosizi lwabo obekwenza athole ukwenanelwa nangabanye ozakwabo abefike nabo eSishayamthetho abebethe shaye endaweni yezivakashi ngaphakathi.
“Sisebenzela izingane zethu ukuze zibe nekusasa elingcono. Sifuna bona baye ezikoleni thina esingakwazanga ukufinyelela kuzo,”usho kanje.
Omunye futhi umqwayizi ongafunanga ukusho igama lakhe uthe: “Singabantu baseNingizimu Afrika nathi. Siyavota futhi sikhokha nentela kodwa asikwazi ngisho ukuboleka imali emabhange ngoba asinazo izincwadi zokuhola”.
“Asikwazi ukuthenga imizi….kumele silinde imixhaso kahulumeni okuyinto okungenasiqiniseko sokuthi sizoyithola. Siyaphoqeleka ukuthi sisebenzise omashonisa ngoba nabo basebenza njengathi emakhoneni. NgoJuni nje kunomqwayizi owadlwengulwa wumashonisa ngoba engasakwazi ukukhokha u-R2 000 ayewukweleta owasewunyukile wafinyelela kuR10 000.
Embikweni okhuluma kabanzi ngokucwaswa kwabadayisa ngomzimba owamukelwe yilesi siShayamthetho, kuvelile ukuthi abadayisa ngomzimba bagadwa kuze kweqe ngamaphoyisa kodwa abavikelwa nakancane. Kulula ukuthi bazithole sebehlukunyezwa ngokushaywa nokunye.
“Amaphoyisa ahlale etshela abaqwayizi ukuthi abanamalungelo. Kukhona ngisho amaphoyisa adlwengula abaqwayizi, kube nzima kumqwayizi ukuthi ayovula icala ngoba bayesaba ngempilo yabo,” kubhalwe kanje kulo mbiko.
Kulo mbiko abaqwayizi bachaza kabanzi ukuthi bahlukunyezwa kanjani ngamaphoyisa, aze athathe namakhondomu abo athi awubufakazi bokuthi bangabaqwayizi. Ngisho besezitokisini bayanqatshelwa ukuthi bathole imishanguzo yegciwane lengculazi kulabo abayidlayo.
Kwenzeka lokhu nje ngoLwesine bekuwusuku olubizwa nge-Internationa Day to End Violence Against Sex Workers.
Ukwethulwa kwalo mbiko nokuyozikhulumela kwabaqwayizi bekuhlelwe ngabe Sex Workers Education and Advocacy Taskforce (Sweat) neSisonke National Sex Workers Movement in South Africa..
Ngokomthetho lolu suku lugujwa ngoDisemba 17 kodwa lezi zinhlangano zihlele ukuba nemicimbi nezinhlelo zokuzwakalisa ukungenami kwazi kuleli sonto. Lokhu bahlela ukukwenza kuzo zonke izifundazwe. Banomkhankaso abawubize nge-Asijike okuhloswe ngawo ukuthi kuzwakale izwi lomqwayizi eNingizimu Afrika.
I-Sweat ithe ngonyaka odlule kwaba wunyaka omnyama kubaqwayizi njengoba kwabulawa inqwaba yabaqwayizi. Omunye wabo kwaba wuDesiree Murugan isidumbu sakhe esatholakala simanxebanxeba eThekwini.
“NgoNovemba uwodwa, kubulawe abaqwayizi abawu-4 eNingizimu Afrika. Ukuhlukunyezwa kwabaqwayizi kusanda kubonakala kakhulu ePretoria lapho amaphoyisa ehlukumeze ozakwabo nomndeni womqwayizi obebulewe. Ashise kwaze kwaba kane imijondolo yalabo abebefuna ukunikeza ubufakazi ngokubulawa komqwayizi,” kusho abaqwayizi esitatimendeni.
Usihlalo owengamele amakomiti eSishayamthetho uNkk Nomantu Nkomo-Ralehoko uthe lo mbiko bazowudlulisela eminyangweni eyehlukene. Uthe abaqwayizi bayothola umbiko noma impendulo ngonyaka ozayo.