FANELESIBONGE BENGU
NGEMPELASONTO bekunomcimbi wokuklomelisa abaculi amaMetro FM Music Awards, eNkosi Albert Luthuli Convention Centre, eThekwini obekungaka-15.
IMetro FM idinga ukushayelwa ihlombe ngokuhlela umcimbi osezingeni eliphezulu yize kube khona ukunganeliseki kwabanye ngezinto ezithize okuyinto ehlale ilindelekile emicimbini yalolu hlobo.
Kusukela kuqale isonto ububona ukuthi abeMetro FM bathelekile eThekwini ngoba ibisakazela kuleli dolobha. NgoLwesithathu bebenengqungquthela yokucobelelana ngolwazi kwezomculo eMlazi, ngoLwesine kwaba nomcimbi wamahlaya kwathi ngoLwesihlanu kwaba nama-pre-party ehlukene.
Kumele ngilincome neGagasi FM ngokuthi alikuvumelanga ukungcwatshwa yiMetro ngempelasonto kodwa lazama ukuzibonakalisa ukuthi nalo likhona ngokwenza umcimbi iNightlife Sessions eSociety lagadla ngoBlack Coffee noCassper Nyovest.
Kule micimbi kuyamakwana ngoba umbango wabalaleli ushube kakhulu. Uma ubona ukuthi kukhona okwenziwa yizimbangi nawe kumele kube khona ovela ngakho ukuze abantu bakubone okuyinto eyenziwe yiGagasi. Alivumanga ukuthi abalaleli balo bathathwe yiMetro.
NoKhozi FM ngeke ngilushiye ngaphandle ngoba belusithatha lusibeka ngobekwenzeka kuma-awards lokhu okulenze laba ngezinye zezinto abantu abebekhuluma ngazo kuTwitter.
Kodwa ngifisa ukuncoma kakhulu uTbo Touch oshayela uhlelo lwantambama i The Touch Down engena ngo-3 kuya ku-6 phakathi nesonto kuMetro FM.
Ukhombisile ukuthi unamandla kangakanani, neMetro inamandla kanganani ngokuthi ahlele ukuthi abantu bahambe ngojenga lwezimoto besuka eGoli belibangise eThekwini ngempelasonto obekubizwa ngeTouch Convoy.
Bekuthiwa kufuneka kuphela izimoto ezinezinqawe, nebala zatheleka ezinhlobonhlobo engingabala kuzo amaBMW, Maserati, Audi, Mercedes Benz, Lamborghini nezinye.
Ngokuba khona kweTouch Convoy uhulumeni uthole imali ngentela kaphethroli nama-toll gate, iTheku lingenelwe wumnotho ngoba abantu abebeyizivakashi bafike bashiya imali, iMetro FM ithole imali ngokuthengwa kwamathikithi futhi okubalulekile baningi abantu abagqugquzelekile.
Iningi labantu, uma kungesibona bonke, abebehamba ngalezi zimoto zikanokusho bekungabamnyama okuyinto egqugquzelayo ukuthi nathi sinalo ithuba lokuphumelela siphile impilo esiyifisayo.
Ukuphumelela kweTouch Convoy kuyingcindezi kuTbo Touch yokuthi angaziphakamisi ngoba lokho kungamdalela amazinyo abushelelezi kubalaleli nakubaphathi bomsakazo.
Kuyaziwa ukuthi abaphathi beMetro abanqeni ukuthatha izinqumo ezinqala njengoba benzile bexosha uDJ Sbu noPaul Mtirara.
Ungangibhalela ku: [email protected], ku-Twitter @fanelebengu noma ku- Instagram @fanelebengu